AMAPHOYISA kamasipala eGoli, abophe abesilisa abayisikhombisa abangabokufika ezweni ngoLwesihlanu ngesikhathi besebenza efemini eligaya amashibusi eMalboro, eSandton.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi kunesivimba-mgwaqo ebesiholwa ngamaphoyisa emgwaqweni Zinna Drive, eMalboro.
Amaphoyisa avimbe iveni lokusebenzi ebelihamba abesilisa ababili, okuthe uma liseshwa kwatholakala amabhokisi okufakwa kuwo amashibusi.
“Amaphoyisa athe uma ebhekisisa umbhalo osemaphaketheni amashibusi abona ushayisana nosemabhokisini ngokwekheli labakhiqizi futhi lingekho nophawu lweSABS okuyilona eligunyaza imikhiqizo,” kuchaza uSuperintendent Xolani Fihla, okhulumela amaphoyisa kamasipala eGoli.
Uthe amaphoyisa ahambe nalaba basolwa baya kule ndawo ebhalwe kuleli kheli eliseMalboro, nokuyilapho bethole abanye abasolwa beqhubeka nomsebenzi wokupheka amashibusi.
Kube sekubizwa abahloli bezempilo abafike baqinisekisa ukuthi ngempela umnikazi wendawo akanaso isitifiketi sokwenza lo msebenzi, kanjalo namanye amaphepha adingekayo.
Laba basolwa abayisikhombisa bagqunywe esitokisini esiteshini esiseBramley, kanti umnikazi wendawo usagcwele izinkalo.