KUBOSHWE amadoda amabili akade engaphandle ngoshwele onikezwa iziboshwa njengoba ayekade etholwe enecala lokubulala isaguga oThongathi, eThekwini.
Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo namuhla ngamacala amahlanu ababekwe wona.
Kubikwa ukuthi ngoLwesithathu, amaphoyisa abizelwe emzini osepulazini iWaterfall ebekade ugqekeziwe kwebiwa. Umnikazi wawo oneminyaka engu-69 nemoto yakhe bengabonwa nangalukhalo.
Kuthiwa amaphoyisa esevula idokodo ngokulahleka komuntu kanye namacala okungelokugqekeza nelokweba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe ngoMgqibelo, uphenyo lwamaphoyisa aseMhlali luholele ekuboshweni kukamsolwa esitolo esidayisa ukudla.
“Utholwe nesibhamu nezinhlamvu okungokwendoda ebikwe ukuthi ilahlekile. Uphenyo luholele ekuboshweni kukamsolwa wesibili otholwe nemoto nezimpahla okusolakala ukuthi zebiwe ngesikhathi kugqekezwa,” kusho uNetshiunda.
Kuvela ukuthi uphenyo olunzulu lwamaphoyisa luwaholele epulazini lamoba eWaterfall, lapho kutholakale khona isidumbu sesaguga obekubikwe ukuthi silahlekile.
Isidumbu besikade sisongwe ngoplastiki abamnyama saboshwa ngezintambo salahlwa ekujuleni kwesimoba.
UNetshiunda uthe abasolwa babe sebebekwa amacala, okungelokubulala, elokugqekeza nokweba, elokuphatha isibhamu nezinhlamvu ngokungemthetho okusolakala ukuthi kwebiwe kulo muzi.
“Uphenyo kwesikhashana wamaphoyisa luvundulule ukuthi abasolwa bebekade bengaphandle ngoshwele onikezwa iziboshwa,” kusho uNetshiunda.
Ngokusho kwenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa) esitatimendeni, umufi ubekade enamasonto amabili agcina ukubonakala ephila.
Okhulumela iRusa, uMnuz Prem Balram, uthe babikelwe ngamalungu omndeni kamufi ukuthi bagcina ukumbona ephila ngesikhathi beze kwakhe emgubheni wosuku lwakhe lokuzalwa.