AGASELE kwancane indawo amaphoyisa ashaqa utshwala bomgunyathi obungabiza uR400 000, abopha amadoda amathathu asolakala ngokuba ngabaphisi babo eWestmead, ePinetown.
Lawa madoda aneminyaka ephakathi kuka-29 nengu-42, akhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoLwesibili, azovela enkantolo maduzane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abanjwe oqotsheni amadoda ephisa utshwala obuwumbombayi.
Uqhube wathi bekungathi ngamanzi okuphala izikhumba indlela obebububuningi ngayo utshwala bomgunyathi.
“Amaphoyisa avundulule izigubhu nemiphondolo okuphiselwa kuyona lobu butshwala namabhodlela obulayishwa kuwona, anemibhalo yezinkampani zikatshwala ezaziwayo,” kuchaza uNetshiunda.
Udalule ukuthi into ebihlale iqapheleka esakhiweni okuphiswa kuso utshwala wukuthi amasango aso abehlezi elenga ingidi, ekhiyiwe.
Ukuboshwa kwawo amadoda kushayelwe ihlombe nawuMnuz Siboniso Duma onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo eKZN.
UDuma uthe ukuphiswa kotshwala ngale ndlela kuqeda imisebenzi, ngakho uhulumeni namaphoyisa basembhidlangweni wokuqeda nya izindawo eziphisa utshwala ngendlela engekho emthethweni.
UDuma usho kanje ngomlomo womkhulumeni wakhe uMnuz Ndabezinhle Sibiya.
USibiya uthe imboni ephisa utshwala ilahlekelwa wu-R11.3 billion ngenxa yabantu abaphisa futhi badayise lobu butshwala ngokungemthetho.
“Lobu tshwala obunekho emthethweni buyaye bubizwe ngokuthi umzambiya. Ukuboshwa kwabasolwa kungemuva komkhankaso kahulumeni, amaphoyisa nezinkampani ezizimele,” kuchaza uSibiya.
Uqhube wathi ngokwezibalo ukukhiqizwa kotshwala kubiza ngaphazu kukaR72 billion.
Uthe izoqina kakhulu imikhankaso elwa nalo mshikashika kusetsenziswana nabamahlelo ehlukene nezinhlaka ezimele abamathaveni.
Zingaphezu kuka-8 000 izindawo ezisemthethweni ezidayisa utshwala KwaZulu-Natal.