AMAPHOYISA aseGauteng abophe abasolwa ababili ngecala lokubulawa komfana oneminyaka emihlanu elokishini laseSoshanguve, ePitoli ngesonto eledlule.
Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu ebusuku ngesikhathi owesilisa efika emzini wakhe ehamba ngeveni elihlophe leToyota. Bekungezithuba zika-10.30pm ngesikhathi efika ekhaya wahlangantshezwa yindodana yakhe esencane. Lo mlisa ungena ekhaya nje uphelezelwa yizigebengu ezimuvimbezele zizama ukuthatha imoto yakhe.
Kuzwakale kuduma izulu lezandla ngesikhathi kuthathwa le moto nokuyilapho okubonakale khona ukuthi kudubuleke le ngane, ephuthunyiswe esibhedlela kodwa ngeshwa yafike yaphelela khona.
Ukubulawa kukaDitebogo Phalane ngalesi sihluku kuthuse kakhulu amalungu omphakathi waseSoshanguve nasePitoli yonkana asehlalele ovalweni ngenxa yokwanda kwezigameko zobugebengu obunodlame.
–Kuthungathwa abadubule babulala ingane beduna imoto
Kuthiwa abasolwa batholakale nemoto eyasetshenziswa ngesikhathi kudunwa imoto kababa kaDitebogo, nayo le moto kubikwa ukuthi yadonwa elokishini laseMabopane. Amaphoyisa abuye athola umshini wokujema imoto, isibhamu nezinhlamvu.
Ukuboshwa kwalaba basolwa kwenzeka ngemuva kokuba ungqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele avakashele umndeni walo mfana eyobhonga emswaneni ngoLwesibili.
UCele uthembise umndeni ukuthi ithimba elisungulelwe ukuphenya leli cala lizosebenza ngokuzikhandla ukuthola abasolwa abenze lokhu.
Yize kuboshwe abasolwa ababili, amaphoyisa aveze ukuthi imoto yalo mndeni eyadunwa ayikatholakali kanti uphenyo luyaqhubeka nokungenzeka kuboshwe abanye abasolwa.