UKUSEBENZA ngokubambisana kwamathimba ahlukene okubalwa kuwo eliphenya ubugebengu obuhleliwe KwaZulu-Natal, elingenelela neliqapha ubugebengu esifundeni iTheku nethimba elikhethekile elibhekelele ingqalasizinda yezomnotho, kuthele izithelo ezinhle kuboshwa ababili ngokukhiqiza izidakamizwa.
Lokhu kwenzeke ngoLwesine, lapho kuboshwe khona ababili endaweni okukholakala ukuthi isetshenziselwa ukukhiqiza izidakamizwa eSilverglen, eThekwini.
“Amaphoyisa aqoqe ulwazi ngobugebengu obenzeka kule ndawo esemgwaqweni u-Oceansview, anikela khona ephethe incwadi yenkantolo egunyaza ukuhlolwa kwayo.”
Le ndawo ibiqashwe ngeso lokhozi kukhona nenja yohlobo lwePitbull edutshulwe yalimala ngesikhathi amaphoyisa engena kule ndawo.
Esengaphakathi, amaphoyisa athole abesilisa ababili abasebenza ukukhiqiza izidakamizwa.
Kutholakale impuphu ye-heroine, umshini wokugaya onezinsalela ze-heroine, impuphu ye-cocaine namaphilisi ohlobo lwe-crystal meth, ecstacy ne-mandrax, amagobolondo amaphilisi angenalutho alinganiselwa ku-1.6 million, izibhamu ezimbili nezinhlamvu.
Abasolwa ababili ababoshiwe baneminyaka engu-44 no-45 ubudala, bazovela eNkantolo yeMantshi eChatsworth ngoMsombuluko, Disemba 18.