KULINDELEKE ukuthi kuphinde kuboshwe abanye abantu ababeyizikhulu ngodaba lwenkohlakalo ethinta ithenda elinganiselwa kuR37 million. Kuvela ukuthi inkohlakalo yayidla lubi eMhlathuze Water.
Kwenzeka lokhu nje, uMhlathuze Water kulindeleke ukuthi uhlanganiswe noMgeni Water, kube sekuyaphela ngawo.
Izindaba esivuka nazo zithi kuzophinde kuboshwe abayisithupha okuzokwenza isibalo sinyukele ku-14.
Le nkohlakalo ebeyenzeka eMhlathuze yaholela ekutheni kuboshwe nesikhulu esiphezulu uMnuz Mthokozisi Duze nowathi ukuhlala kancane esitokisini esazama ukuthola ibheyili kodwa echithwa ngezizathu ezithize.
Okunye okwadonsa amehlo ngalolu daba, kube ukuboshwa komqondisi jikelele KwaZulu-Natal, uDkt Nonhlanhla Mkhize, kodwa ukuboshwa kwakhe kwakungahlangene nenkohlakalo, kwakuwukufaka ingcindezi ezikhulwini.
Sewuvele uphumile umyalelo ogunyaza abayisithupha ukuthi baboshwe, kuvela ukuthi bazozinikela emaphoyiseni khona namhlanje, eDurban Central, babe sebelandela umgudu ofanele, bazame nokufaka isicelo sebheyili.