ISIMO simanzonzo ehostela laseMlaza, iGlebelands.
Lokhu kulandela ukubulawa kwabantu abangu 7 ezintathakusa zanamhlenje, kulesi sehlakalo kulimale abantu ababili abaphuthunyiswe esibhedlela.
Leli hostela liyaziwa kakhulu ngezigameko ezifuze lesi esenzeke namuhla.
Ngonyaka owedlule inkantolo yagweba abalisa ababembandakanyeka ekubulaweni kwabantu kuleli hostela.
Yize bekhona abagwetshwa kodwa amalungu emindeni okwabulawa izihlobo zayo, yaveza ukungathokozi kwayo ngesigwebo sabanye balabo ababoshwa, ikhala ngokuthi sincane kakhulu kunalokho abakwenza.
Engxoxweni yokhulumela amaphoyisa nesinye seziteshi zethelevishini, uBrigadier Jay Naicker usiqinisekisile lesi sigameko sokubulawa kwabantu abayisikhombisa kodwa wathi amaphoyisa asaphenya ngokungaba isizathu esiholele ekubulaweni kwabo. Kuvela ukuthi bebezihlalele beziphuzela laba bantu ababulewe.
Phambilini uma kubulawa abantu kuleli hostela bekubekwa umbango wemibhede njengembangela yokubulalana kanjalo nemibango yezepolitiki.
Udaba lwaseGlebelands beluxake kangangokuthi like lasukunyelwa nawuMvikeli woMphakathi osabambile, u-Adv Kholeka Gcaleka kanti nalowo oke waba uMvikeli woMphakathi, uSolwazi Thuli Madonsela uke walivakashela leli hostela.