UPHENYO lwe-Special Investigating Unit (SIU) luveza ukuthi kutanyuzwe uR1.4 billion kwiNational Lotteries Commision (NLC).
Le mali kuthiwa kwakufanele iyotakula izinhlangano ezisiza umphakathi okubalwa amakhaya abadala, amakhaya ezingane, izinhlangano ezisiza abanenkinga yezidakamizwa nezinye izinhlangano.
Kuleli sonto iSIU ithe iyaqhubeka nophenyo lwayo futhi abadle imali yeNLC kuvela ukuthi babethenga izimoto zikanokusho nemizi esezindaweni zomntakabani.
Itshele amalungu ePhalamende, ukuthi ngisho abasulile kwiNLC bazolandelwa ukuze bajeziswe ngezenzo zabo.
UMnuz Mat Cuthbert oyilungu leDA elibhekelele ezohwebo nezimboni ePhalamende, uthe uphenyo lwe-SIU luyacacisa ukuthi baningi akade bedla imali ekufanele isize umphakathi ngakho kufanele uphiko lwezokushushisa iNational Prosecuting Authority (NPA), isheshise ibashushise.
“Siyabona nje uNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni, uMnuz Ebrahim Patel nozakwabo be-ANC, bencoma umsebenzi owenziwe yi-SIU nezintatheli kodwa singajabula kakhulu uma kushushiswa abantu. Phela i-ANC iyathinteka kwinkohlakalo ye-NLC,” kusho uCuthbert ePhalamende.
Uthe lokhu ukushiso wukuthi ngamalungu e-ANC akade esebenzisa iNLC sengathi iyisikoqokoso sawo ethenga imizi nezimoto.
USihlalo wekomiti lwezoHwebo neziMboni ePhalamende, uNkk Judy Hermans, uthe uphenyo luqalwe ngoNovemba wonyaka odlule, emuva kokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa ecele ukuthi kuphenywe ngezinsolo zenkohlakalo nokungaphathwa ngendlela kwemali yeNLC.
Uthe kuyimanje iSIU ithole incwadi egunyaza ukuthi ibambe impahla yalabo abasolwa ngokudla izimali zeNLC okubalwa nemizi eyisishiyagalombili nokunye osekusezandleni zikahulumeni ukuze kubuyiswe imali.
UNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni, uMnuz Ebrahim Patel, ukugcizelele ukuthi abasulile akusho ukuthi ngeke besashushiswa kodwa bazolandelelwa ukuze bajeze ngezenzo zabo ezimbi.
USihlalo osanda kuqokwa weNLC, uDkt Barney Pityana utshele amalungu ePhalamende ukuthi benza konke okusemandleni ukubuyisela isimo kwesijwayelekile eNLC futhi sebesungule uphiko olulwa nokukhwabanisa olusebenzisana nezinhlaka zomthetho.
Uthe ababesebenza kwiNLC abadle imali, bazojeziswa.
Uveze ukuthi kuyimanje sebethole izicelo zoxhaso eziwu-9 500 ezinhlanganweni ezihlukene ezisiza umphakathi futhi imali ikhona, bazoqinisekisa ukuthi iya kubantu abafanele.