IYAQHUBEKA imizamo yokutakula abantu abasadukile kulandela ukuzamazama komhlaba okudlule nemiphefumulo engaphezu kwezinkulungwane ezimbili eMorocco.
Imibiko engenayo ithi bangu-2,122 abantu abashonile kanti bangu-2,421 abalimele ngenxa yokuzamazama komhlaba okwenzeke ngoLwesihlanu.
Inhlangano iNational Seismic Monitoring and Alert Network yaseMorocco ithi lokhu kuzamazama komhlaba kushaye ku-7 esikalini esisetshenziswayo ukukala ukuzamazama komhlaba, iRichter.
Lokhu kuzamazama komhlaba kubeke impilo yabantu abalinganiselwa ku-300 000 engcupheni kwacekela phansi amakhulu amabhilidi, amaningi awo aqukethe igugu lomlando wakuleliya lizwe elisenyakatho nezwekazi lase-Africa.
Kuthiwa lokhu kuzamazama komhlaba kuzwakale kakhulu ezintabeni ze-Atlas, okuyindawo engamakhilomitha angu-70 eningizimu yaseMarrakech okuyidolobha elihlala abantu abalinganiselwa ku-840,000.
Yilona dolobha leli elibe nabantu abaningi abalimele futhi okungelula ukuthi kufinyeleleke kuyo le ndawo.
Amazwe ahlukene aseqalile ukuhambisa usizo eMorocco njengoba kunamakhulu ezinkulungwane zabantu abasale dengwane nezingane eziningi ezidukelene nemindeni yazo njengoba kusatakulwa abanye abantu.