KUBE nenjabulo kwabe-DA bebona iqembu elibusayo lihluleka enkantolo.
I-ANC iphuthume eNkantolo eNkulu yaseGauteng, ezinze eGoli, iyofaka isicelo sokudlulisa isinqumo senkantolo sokunikeza i-DA amarekhodi ekomiti elibhekelele ukuqashwa kwamaqabane kusuka ngoJanuwari 1, 2013.
Kulawa marekhodi kubalwa amaminithi emihlangano, ama-email, izingxoxo zaku-WhatsApp nokunye.
Leli cala lavulwa ngemuva kokuthi i-ANC inqabe ukunika iqembu eluholwa wuMnuz John Steenhuisen lawa marekhodi ngokuhambisana nomthetho wokukhuthaza ukutholakala kolwazi i-Promotion of Access to Information Act (PAIA)
USteenhuisen ukhulume nabeNewzroom Afrika, lapho eveze khona injabulo yakhe ngempumelelo yeqembu lakhe njengoba inkantolo iyikhahlelile imizamo ye-ANC yokufaka isicelo sokuphikisa isinqumo senkantolo.
Lo mholi we-DA uveze ukuthi awekho amahlathi okucasha kwiqembu elibusayo ngokuthi uma i-ANC izama ukuwuziba umyalelo wenkantolo, bazofaka isicelo sokuyiphoqa ukuba iwakhiphe ngenkani lawa marekhodi.
USteenhuisen uthi la marekhodi abalulekile ngoba azobeka obala indima eyalinywa nguMengameli Cyril Ramaphosa owayengusihlalo waleli komiti ngaleso sikhathi.
“Lo mqulu ubalulekile ngoba ubala isikhathi lapho uCyril Ramaphosa osengumengameli wezwe manje, owayengusihlalo waleli komiti. Usekhulume kakhulu ngeminyaka eyisishiyagalolunye echithiwe kodwa walugodla ulwazi ngobekwenziwa nguyena kule minyaka akhala ngayo ngesikhathi siholwa uMnuz Jacob Zuma,” kusho yena.
Uqhubeke wathi lokhu kuzohlalisa obala indima elinywe nguRamaphosa ekuqashweni kwabantu eminyangweni ethile kahulumeni, kwezomthetho kanjalo nasezinkampanini ezingaphansi kukahulumeni.
“Kuzoxazulula nemibuzo yalabo ababelawula umbuso beyidlanzana ngoba kuzocaca ukuthi baqasheka kanjani.”