KUBHEKWE ukuthi umphenyi wecala eze nokuthe xaxa ecaleni elethwese iMeya yaseMsinga, uMnuz Mletheni Ndlovu, njengoba ebuyela enkantolo.
UMasipala waseMsinga usezandleni ze-IFP okuyiyona ejube uNdlovu esikhundleni sobumeya. UNdlovu ubhekene necala lokwehluleka wukubeka kahle izibhamu zakhe okuthiwa zatholwa kubaqaphi bakhe.
Waboshwa namakhansela e-IFP, uMnuz Mhawukeleni Sokhela noMnuz Thokozani Sokhela nabaqaphi bakhe ababili.
Baboshwa yithimba eliphenya ngamacala ezepolitiki elisebenza esigabeni sikazwelonke nelabunjwa emuva kokuqothwa kosopolitiki okudla lubi. UNdlovu ungaphandle ngebheyili kaR10 000 ayithola eNkantolo yeMantshi eMsinga, ngesikhathi evela okokuqala.
Abaqaphi bakaNdlovu, oMnuz Musawenkosi Malembe noMnuz Mvikeleni Mzolo bona bangaphandle ngebheyili kaR1 000 umuntu ngamunye. Udaba lwahlehla kwase kubekwa isizathu sokuthi umphenyi wecala kukhona uphenyo olunzulu asazolwenza.
Kulindeleke ukuthi umphenyi alandise inkantolo ukuthi usehambe wafika kuphi nophenyo lwakhe.
I-IFP yamemezela ukuthi imise uNdlovu emsebenzini namakhansela aboshwe nawo emuva kokuvela kwabo enkantolo. IPhini leMeya uNksz Thenjiwe Mbatha wuyena obambe isikhala semeya njengoba isaxakwe yicala.
UNdlovu uboshelwa izibhamu nje, wayesanda kungena ehlazweni esolwa ngokubulala ikhansela uMnuz Siyanda Magubane, owadutshulwa ehamba ngemoto yakhe.
Kwaba nomsindo ngezinsolo zokubulala ezabhekiswa kuNdlovu, i-IFP yenza uphenyo, yathi ithole ukuthi akukho okumyamanisa nokubulala. I-IFP ize yamisa uNdlovu emuva kokuboshelwa icala lesibhamu wavela enkantolo namakhansela nabaqaphi bakhe.
Isolezwe ngeSonto lisanda kubika ngezinsolo zokuthi uNdlovu kuthiwa uyacanasa emahhovisi omkhandlu ekubeni emisiwe emsebenzini.