SIPHUMA namuhla isinqumo seNkantolo eNkulu ePitoli mayelana nesicelo seDA sokuthi izinqumo ze-ANC, zokujuba abantu ezikhundleni, zidalulwe njengezingekho emthethweni neziphambene noMthethosisekelo.
I-DA ikhala ngokuthi iqembu elibusayo libulala uhulumeni ngokujuba abantu ezikhundleni bebe bengafanelwe yileyo misebenzi kodwa befakwa ngoba bengamalungu ayo. I-DA isanda kunqoba enkantolo iphoqa i-ANC ukuthi idedele amarekhodi emihlangano yekomiti elijuba abantu.
I-ANC igcine igobe uphondo yayihambisa imiqingo kanti iDA ithe isazocubungula kahle bese iyamemezela ngezinqumo ezozithatha.
Namhlanje kulindeleke ukuthi iNkantolo eNkulu ePitoli inqume ukuthi uhlelo lwe-ANC lokujuba abantu lusemthethweni yini noma cha. Udaba lwalalelwa yithimba lamajaji ngoJanuary 23 no24 sase sigodlwa isinqumo.
I-DA ithe umholi wayo, uMnuz John Steenhuisen, uzovukela enkantolo eyothamela ukukhishwa kwesinqumo. Ngokwesitatimende, iDA izwakala inethemba lokuthi inkantolo izovuna bona.
Udaba lokujutshwa kwabantu ezikhundleni lulokhu luyindaba egudwini futhi uMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, wabuzwa ngalo evele kwikhomishini eyayiphenya ukuqhwagwa kombuso lapho anaba khona ngalo.
URamaphosa wavuma ukuthi uma bezojuba umuntu esikhundleni babheka kubantu be-ANC abaqonda kabanzi ngezifiso nemigomo yayo bese bemfaka.