KUSENZIMA ukwamukela isimo esenzekile emndenini wowesilisa waseChesterville, eThekwini, odephulwe yizinja wafa, okungakacaci ukuthi iyiphi emkhiphe umphefumulo ngoba kuthiwa bezimluma zining.
UMnuz Leon Biyela, indodana kaMnuz Bhekani Biyela (43) oshonile, uthe uyise omncane ubekade ehambe eyoziphuzela esitolo esithengisa utshwala ngakubo ngoMgqibelo wangabuya ekhaya, nokuthe esebuya khona wazithela phezu kwezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili.
“Mina ngithole ucingo ngeSonto entathakusa kuthiwa angiphuthume ngizobona ukuthi akusiye yini ubabomncane lona olunywe yizinja. Ngithe uma ngifika, ngazithela kuyena emanaphanapha amanxeba okudephulwa yizinja,” kulandisa uBiyela.
Isolezwe lisibonile isithombe esikhombisa isimo abekuso umufi emva kokulunywa yizinja. Ubelimele kabi engalweni, emlenzeni ngisho nasebusweni.
UBiyela eqhuba, uthe ube esemphuthumisa esibhedlela iKing Edward VIII washonela khona ngalo iSonto ngenxa yokulimala kabi.
“Okungiphatha kabi wukuthi ngenkathi ngikhuluma nomlisa okuthiwa yizinja zakhe ezilume ubaba, akakhombisanga ukuzwelana nami, kunalokho ungibhekise le nale - ezeseka ngokuthi ezakhe izinja zihlale zivalelwe, ekubeni ngazi kahle ukuthi kunopotsho ezikwazi ukuphuma ngawo,” kuchaza uBiyela.
Kunezinsolo zokuthi umufi ulunywe yi-pit bull kodwa umnikazi wenja esolwayo uthe eyakhe iyavalelwa. Kuthintwa uMnuz Thembelani Dlamini, ongumnikazi wezinye zezinja okusolakala ukuthi zilume umufi - uthe ngokuzwa kwakhe, akucaci ukuthi ngezikabani izinja ezilume umufi, ngoba wonke umuntu uthi ulunywe yizinja nje, akuveli ukuthi zikabani.
“Ngisho namaphoyisa ngiwatshelile ukuthi ngokuzwa kwami, akekho owaziyo ukuthi ngezikabani izinja ezimlume waze washona, kodwa indaba ithi nje ulunywe yizinja - ngakho kuyangixaka ukuthi kungani kuthiwe ngezami izinja ezimlumile,” kusho uDlamini.
Eqhuba uthe unayo impela i-pit bull okusolakala ukuthi ilume umufi, kodwa wathi isanda kunyelezela futhi uyivalele ekhejini, ukugwema kona ukuthi ingabi yingozi kubantu. Ukuqinisekisile nokuthi unazo ezinye izinja, kodwa wangaphumela obala ngokuthi yizo yini ezilume umufi.
“Nginezimaku ezimbii okuyizo ezikwazi ukuphuma ngaphansi kothango engibiyele ngalo umuzi, kodwa futhi ngeke ngathi yizo ezilume umufi ngoba bengingekho kwenzeka isehlo, futhi akekho ophumela obala ngokuthi asho ukuthi uboneni.
“Kwayimina nje le nto iyangidida ngoba phakathi kwezinye izinto ezikhulunywa ngabantu basendaweni, kuthiwa umufi uqale walunywa yizinja zakomunye umuzi ongabiyiwe adlule ngakuwona, nokulandele ngokuthi kugcine kuphuma nezakweminye imizi. Nalokho futhi kuyinzwabethi nje, akekho othi uzibonele kwenzeka,” kuchaza uDlamini.
UMnuz Mthokozisi Luthuli, owakhele indawo okwenzeke kuyo isigameko, uthe yize kwaziwa ukuthi kunemizi okufuywe kuyo izinja eziyingozi, kodwa bekungokokuqala ngqa kwehla umshophi onjengalo endaweni. Uthe lesi sigameko sibethusile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe idokodo ukuze kuphenywe emuva kokuthi owesilisa elunywe izinja eChesterville ngeSonto wagcina ngokushonela esibhedlela.