IZINSOLO ezihlasimulisa umzimba okuvela kuzo ukuthi umakoti ushayise ephindelela umyeni wakhe ngemoto waze waqhuma ikhanda, zishiye umphakathi waseHammarsdale ubambe ongezansi. Wangagcina lapho, wazinkinka ngotshwala kwafika abakubo kamufi engazazi negama ngenxa yokudakwa, sekwenze umndeni kamufi wacela amaphoyisa ukuthi ambophe.
UMnuz Nhlanhla Gabela (51) obeshade noNkk Khulile Gabela, kuthiwa ushonele endaweni yesehlakalo kuleli sonto. Kunomakhelwane abaningi abathi bazibonele ngawabo kwenzeka le nsambatheka.
Ilungu lokuqala lomphakathi liveze ukuthi kube nengxabano phakathi kwalaba ababili besemotweni kamufi. Ngemuva kwengxabano kuthiwa kubonakale umufi ephuma ngesankahlu emotweni samuntu ophushwayo.
"Sithe sisababaza lokho imoto yeza kuyena yamshayisa iphindelela. Ikhanda lopha kabuhlungu. Yaqhubeka yamgaya ikhanda kwaze kwaba uyathula khona lapho,'' lisho kanje leli lungu lomphakathi.
Elinye lithe liyokuxoxela amagwababa echobana elikubone kwenzeka phambi kwalo.
"Angiyazi mina le nto, angikaze ngibone umuntu wesifazane ebulala indoda yakhe ngesihluku esingaka. Khona ke kuthiwa baxabane usengaze amgaye ngemoto pho,'' libuza sakumangala.
Owesifazane naye othe ubekhona ngesikhathi sesigameko uthe akusuki emqondweni wakhe akubone kwenziwa kumufi.
Usole owesifazane ngokuba nonya ekhala ngokuthi le nto uyenze phambi kwezingane zikamufi ebezibuza ukuthi ubulawelani uyise.
Udadewabo kamufi, uNksz Amanda Magwaza uthe bafuna ukuthi amaphoyisa aphenye umakoti ngokufa komfowabo.
Uthe utsheliwe ukuthi ubulawe kanjani umfowabo. Wathi ubaxoxele izinto ezingefani ngesikhathi ebalandisa ngokushona komfowabo.
"Esithinta okokuqala uthe umfowethu ube sengozini yemoto washayiswa kabuhlungu yiloli. Okwesibili wathi umfowethu ushayiswe yimoto engaziwa maqede yabaleka,'' usho kanje.
Uthe kusobala ukuthi umakoti usenga ezimithiyo.
"Ngesikhathi sifika lapho behlala khona simfice ephuzile engazazi nokuthi ungubani futhi kungabonakali nokuthi kunesigameko esibuhlungu esenzekile,'' echaza.
ISolezwe Ngempelasoto lithole ukuthi umakoti kwenzeka lesi sigameko nje uvele unyamanambana kubo kamkhwenyana, usolwa ngokuhlukumeza umufi.
Kuvela ukuthi umakoti ubengasebenzi, wayeka umsebenzi wokushayela amatekisi.
Kodwa kuthiwa yize bebehlala ndawonye bese bephenduke inkukhu nempaka njengoba indoda bekuyicika ukuthi yiyona ephekela umkayo.
Amalungu omphakathi akhala ngokuthi namanje akakaboshwa umakoti.
Ethintwa umakoti uthe umatasa kukhona abantu ahlezi nabo akhuluma nabo udaba olumqoka akakwazi ukuphendula imibuzo yentatheli.
Eshayelwa ucingo okwesibili walile ukuphawula ngabamsola ngokubulala umyeni wakhe. "Ngeke ngikwazi ukuphendula umbuzo wakho,'' eshaya ngezinqamulelayo.
Ezinkundleni zokuxhumana beyikhulunywa kakhulu le ndaba amalungu omphakathi ekhomba umakoti ngenjumbane.
Laba ababili kuthiwa banezingane ezimbili kuthiwa bese siside isikhathi beshadile.