ZIBAKHALELE abasebenzi abathathu benkampani ebhaka izinkwa besenga ezimithiyo ngokudunwa iloli lezinkwa.
Kuthiwa laba basebenzi babikela umqashi ngokubanjwa inkunzi ngoMgqibelo ngoMashi 16, 2024 eSterkspruit, e-Eastern Cape.
Umshayeli weloli wabikela amaphoyisa ukuthi ngoMgqibelo ngezithuba zo-4 ntambama, yena nozakwaboa babili bavinjezelwa amadoda amahlanu abehamba ngeveni yohlobo lweFord emhlophe eHerschel.
Uthi baphunyuka babaleka bashiya iloli lomsebenzi. Bathe sebebuya ngemuva kwesikhathi, baqaphela ukuthi kwebiwe isisefo semali nemali. Basuke lapho banikela emaphoyiseni beyobika ngalesi sehlo.
Ngesikhathi ethola umbiko, amaphoyisa anqume ukusesha leli loli kuqala nokuyilapho athole khona imali ifihlwe ngaphansi kwamakhrethi ezinkwa.
“Laba bobathathu bahlulekile ukuchazela amaphoyisa ngale mali efihliwe, kwaba wukuboshwa kwabo,” kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Laba basolwa abaneminyaka engu-29, 38 no40 ubudala babekwe amacala okweba nokuqamba amanga.