BABAMBE umoya abalandeli bowayengumsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu, njengoba ezovela okwesibili enkantolo ezofaka isicelo sebheyili.
UNgizwe kulindeleke ukuba namhlanje afake isicelo sebheyili enkantolo yaseRandburg eGoli, kulandela ukuhlala isikhathi esingaphezu kwesonto esesitokisini.
UNgizwe uzinikele emaphoyiseni aseThekwini ngeledlule ngemuva kokufunwa ngamaphoyisa.
Uvele kule nkantolo okokuqala ngoJulayi 21, yize isicelo sebheyili engasifakanga kodwa umbuso uveze ukuthi uzosinqaba.
Phakathi kwezinye izinto ezivelile wukuthi kungenzeka abaleke, kwazise uzinikele esevele esekhishelwe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe. Kubuye kwavela nokuthi kuke kwaba khona imizamo yokuba abalekiswe ngendiza ezimele, ngaphambi kokuba “zimkhalele”.
UNgqongqoshe obambile ehhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa, uNksz Khumbudzo Ntshavheni , kwisithangami sabezindaba kulandela ukuboshwa kwakhe, uthe uNgizwe nabanye abane baboshelwe amacala okubhebhethekisa udlame.
Waveza nokuthi kungenzeka kwengezwe amanye amacala.
Kusasa ezinye zezinto ezizobhekwa wukuthi akhona yini amanye amacala umbuso ombeka wona.
KuTwitter, okhulumela umndeni uMnuz Bonginkosi Dlamini, @Khanyile_BG, umemezele ukuba abantu beseke uNgizwe uma esevela enkantolo kusasa (namhlanje)
“Ngiyanazisa, ukuthi uNgizwe uzovela kusasa ngo-9, enkantolo eRandburg. Bathandi be-Afrika, asiqhubeke simeseke uMacingwane,” Dlamini.
Abalandeli bakaNgizwe bebephendula besho ukuthi bazomeseka, abanye bebuzana ukuthi ibheyili uzoyithola yini, kukhona nabanye abebebuza ukuthi ngabe umndeni kaZuma uzobe ukhona enkantolo ecaleni likaNgizwe.
Ozibiza ngeNyanga yodumo-Mzo kuFacebook (uKhehlelezi) uthe: “Kodwa khona ngoLwesithathu kocaca, angisho lutho, inhliziyo yami ayineme. NgoLwesihlanu kungenzeka abekhona, ngiyisosha elizethembayo, angihleli ngiyaphahla. Ngohluleka ngizamile ake sibone loshona nani kusasa (namhlanje),”
UNgizwe usolwa ngokuba ngomunye wobhongoza ekubhebhethekiseni udlame kuleli njengoba bekuthathwa impahla kushiswa nezitolo.
Le mibhikisho okuvele ukuthi isuswe wukuboshwa kowayengumengameli kuleli, uJacob Zuma, ishiye umonakalo omukhulu osalungiswa namanje.
UNgizwe wabonakala kaningi ezinkundleni zokuxhumana eseNkandla, ehola umkhankaso wokuba uZuma angaboshwa.
Waphinde wamemezela izithangami zabezindaba ezinkundleni zokuxhumana, okubalwa naseGoli lapho eyezokhuluma khona ngodaba lokuboshwa kukaZuma.
Obekuzakwala kakhulu kulezi zinkulumo zakhe yigama elithi “Ziyakhala”, nokuyilo ekuthiwa limuphonse phakathi obishini.
Ezinkundleni zokuxhumana izolo, abalandeli bakhe bebebuzana elokuthi ngempela woneni uNgizwe.
Ozibiza ngoNqobile Dlamini, kuFacebook uthe:
“Iyaxaka yona lena ngoba nakanye ngake ngamuzwa (uNgizwe) ethi akuhlaselwe noma kuliwe,”
UThemba Madoda Ncama, kuFacebook uthe:
“ILungelo lokukhuluma ubeke uvo lwakho okusho (ukuthi) alisekho ngoba uzoboshwa,”
Abanye bebekhombisa ukungamudabukeli, besho nokuthi wayethi wenzani.