AMAPHOYISA esifundazweni i-Eastern Cape afuna abantshontshelwe imfuyo bangayithola, lokhu kulandela ukubanjwa kwekhehla nendodana nenqwaba yemfuyo okusolwa ukuthi eyokwebiwa. Lesi sigameko senzeke eMncwasa ngaphandle kancane kwaseMqanduli lapho amaphoyisa ebophe khona leli khehla (69) nendodana (29) yalo.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uCaptain Welile Matyolo uveze ukuthi amaphoyisa asukumele ukwebiwa kwemfuyo emphakathini nokuholele ekutheni uphenyo luwaholele kulo mndeni. Laba basolwa btholwe neziklabhu eziwu-42 nezimbuzi eziyisikhombisa. Yonke lemfuyo uma ihlanganiswa yenza imali ebalelwa ku-R50 400 ngenani lase mgwaqeni.
UCaptain Matyolo uthe akugcinanga lapho laba basolwa baphinde batholwa nesamba semali esingadalulwanga.
" Iziklabhu eziyisikhombisa sezihlonziwe abanikazi bazo ababili bebebikile ngokwebelwa. Sinxusa bonke abantu abantshontshelwe imfuyo ukuba bayekamasipala eMqanduli. Kumele uphathe umazisi nekhadi lemfuyo," kusho uCaptain Matyolo.
Laba basolwa uCaptain Matyolo uthe bavele enkantolo kaMantshi eMqanduli base bebekwa icala lokweba imfuyo.