NKOSIKHONA CELE
IZIVUVABA ezenzeka ezikoleni zaKwaZulu-Natal, zishiya abantu abaningi bebambe ongezansi. Sekukaningi kubhalwa ngezinto ezahlukene okuthiwa zibonakala zenzeka ezikoleni zakulesi sifundazwe. Umbuzo omkhulu uthi, ngampela kwenzekani ezikoleni zaseKZN?
Isolezwe Ngempelasonto libuyekeza izigigaba okuke kwakhulunywa ngazo ezenzeke ezikoleni ezahlukene zaKwaZulu-Natal.
Ngaphambilinim, kukhulunywe kakhulu ngodaba lwasesikoleni iPhambili Secondary, eRossburg, lapho okwakuthiwa kunothisha wesifazane owayethulisa umsindo ngesibhamu.
Esikoleni samabanga aphansi esiseNdwedwe, iQili, khona kukhalwa ngezigemegeme zikathisha wesilisa okuthiwa uthutha abantwana ngeveni.
Kuvela ukuthi abantwana uyabakhipha isikhathi sesikole singakashayi. Khona lapho usolwa ngokuthi ngesikhathi sesikole, umane ayozithengela inyama yenhloko. Aphinde abantwana athi mabageze iveni lakhe.
EMpendle, eGeorgetown High, khona kuvela ukuthi othisha bakhona sebekhathele omunye wothisha bakulesi sikole abamsola ngokuthi isikole usesiphendule umuzi wakhe, uyachela kusona ekuseni nantambama.
Bamsola nangokuthi kukhona othisha abaphathisa okwamaqanda abanye abaphathe ngesandla sensimbi.
Khona futhi eMgungundlovu, nyakenye, kwaphazamiseka ukufunda eMazwendoda High ngesikhathi ehanjelwa yingqondo uthisha wesifazane wakulesi sikole okuthiwa wayekade efakelwe ngabafundi umgwinyo esiphuzweni sakhe.
EMizwamweni High nakhona okuseMgungundlovu kunothisha wakulesi sikole owayesolwa ngokuthi wakhotha umfundi, wamkhumulisa iphenti wamdlwengula eStaffroom. Umfundi waze wabhala incwadi echaza nokuhlukumezeka kwakhe ngemuva kokubhozonyelwa uthisha,
KwaMashu, e-JE Ndlovu High, abazali nyakenye, bavuka umbhejazane bexosha uthisha wesiNgisi bemsola ngokuthi uthuke ngenhlamba uthinhlanhloko.
EMshwathi, eMuzikawuthandwa High nyanyeke, kuxoshwe othisha abangasibo abendawo maqede kwasetshenziswa isisho sesiZulu esithi “inkankane malidle umsundu wangakubo”. Lokhu kuhunyushwa ngokuthi uthisha nothisha makaqashwe ngakubo.
Esikoleni saseMlaza, oGwini High ezinyangeni ezedlule, kukhulunywe kakhulu ngodaba lomfundi okwakuthiwa akayeke isikole ngoba enezinwele ezinkulu ekhanda.
Wake wakuzwaphi nje ukuthi umfundi usengaze axoshelwe ukuthi ukhonza ebandleni okumele ashiye izinwele uma ekhonza kulona?
Esikoleni saseMzimkhulu khona kunomfundi owaze wazibulala ngoba kuthiwa wayekade ehlekwa ngothisha, bemgcona bemtshela emehlweni ukuthi mubi.
EMandawe Junior Primary, kwasuka uthuthuva ngemuva kokuba kwakunothisha okuthiwa waciphiza umfundi ngesicabha ngamabomu emjezisela ukuthi ubanga umsindo.
Okokushiswa kwesikole saKwaNongoma, iNongcoyi Primary nokushiswa komuzi kathishanhloko waso, uNkk Barbie Mbatha, khona kuxoxwa ngekhwela.
Isolezwe Ngempalasonto liyakhuza lithi: "Hhayibo njalo!"