AKANEME udadewabo womculi uKelly Khumalo, ngemva kokuhoxa kommeli u-Adv Malesela Teffo, ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa.
UZandie Khumalo-Gumede, owelamana noKelly, ubhale kwi-Instagram wathi kubukeka lisekude ukuthi lixazululeke icala lokubulawa kukaMeyiwa, ngenxa yezigameko ezenzeka enkantolo lapho liqulwa khona.
“Kubukeka sengathi umuntu ngeke aluthole usuku lokuvela enkantolo ngoba abantu abaphathiswe icala sebephenduke isekisi (circus), sengithi angikusho nje lokhu lapha.”
Uqhube wathi okumphatha kabuhlungu ukuthi akubukeki lizoxazululwa maduze icala likaMeyiwa ngoba iNingizimu Afrika, ikholelwa kosomathuba abathandwa ngabantu abaningi njengalo obengummeli.
“Kubuhlungu kimi ngoba kusho ukuthi umndeni wakwaMeyiwa awusoze wabuthola ubulungiswa futhi kungizwisa ubuhlungu ngoba kusho ukuthi umndeni wami uyophila ngaphansi kwalelifu elimnyama kuze kube phakade,” kuqhuba uZandie.
Udadewabo kaKelly ubuze ukuthi ushonephi ufakazi okwathiwa wazibonela ngawakhe okwenzeka ngosuku lwesigameko. “Onobufakazi bokuthi uKelly wakhipha isibhamu manje uyahoxa ngoba useyitholile imizuzu emibili yodumo?”
Uqhube wathi abantu abaningi banesifiso sokuthola abakwaKhumalo benecala, futhi bakholelwa ekutheni “Sizokholwa futhi sisekele noma ngubani osho esifuna ukukuzwa.”
Uphethe ngokuthi “Le ndlela yokucabanga izoma endleleni yezobulungiswa. Le ndlela yokubuka umhubhe osetshenziswa wumphakathi ecaleni ivimbela ukuthi ubulungiswa busebenze. Kodwa qhubekani, asibizwa ngani enkantolo futhi asibuzwa ngani?”