YIZE iKwaZulu-Natal iliqale kabi leli sonto njengoba kuvuke isiphepho esiphephule imizi nezimoto kwaze kwashona nabantu, kodwa isazi sezulu sithi kulindeleke ukuthi liphenye izulu kusukela namuhla kuze kube wuLwesine.
Ngokusho kukaMnuz Sihle Dlamini oyisazi sezulu se-SA Weather Service, isiphepho esiphephule imizi nezimoto zabantu ngeke sibuye kuleli sonto.
UDlamini uthe ngokocwaningo lwabo babona izulu lizoba lihle kusukela namhlanje kuze kube wuLwesine.
Imvula bayilindele ngoLwesihlanu nakhona amathuba ayo awu-30% ezindaweni ezigudle ulwandle okubalwa iMargate, iTheku, iRichards Bay naseMbazwana.
Uthe le mvula izoqhubeka kuze kube yiSonto lapho izobe isina eRichards Bay, River View naseMbazwana.
Phambilini uSolwazi Tafadwanashe Mabhaudhi oyisazi sokuguquka kwesimo sezulu, eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, wathi kufanele kwakhiwe izindlu ezimelana nesimo sezulu elibi njengoba siguquka ngendlela ecekela impahla kulimale nabantu.
Wathi kuyisinyathelo esihle ukusungulwa kwesikhwama sokuguquka kwesimo sezulu esibizwa nge-Climate Fund.
“Isikhwama sokuguquka kwesimo sezulu akufanele nje sigxile ezinhlekeleleni zemvelo kuphela kodwa kufanele sisetshenziselwe ukwakha ingqalasizinda ezomelana nesimo sezulu esishintsha njalo. Kufanele seseke izinhlelo zokuphehla ugesi ngendlela engayilimazi imvelo,” kusho uMabhaudhi.
Okwamanje bezingakacaci izinhlelo zesikhwama sokuguquka kwesimo sezulu.