ISAZI sezomthetho sibona inkantolo ibhekene nomqansa phakathi kokubekwe wumthetho, okufunwa wumphakathi namalungelo kammangalelwa owayeneminyaka engu-13 ecaleni lokubulawa kwengane nonina.
Lokhu kuvezwe nguMnuz William Booth ecaleni elithinta ukusocongwa kukaNkk Simangele Simamane noSibongakonke Mthembu (12).
Bekulindeleke ukuthi namhlanje (ngoMsombuluko), umfundi ona-16, owaboshwa nezihlobo zakhe avume icala eNkantolo eNkulu yaseThekwini kodwa lahlehlela uLwesithathu.
UBooth uthe uma ijaji elisingethe icala selahlulela kumele likubeke emqondweni ukuthi ummangalelwa wayeneminyaka engu-13 kwenzeka isehlakalo futhi ithole ukuthi umsolwa wayekade ephile saka.
Lesi sazi somthetho siveze nokuthi inkantolo kumele ibhekane nommangalelwa isebenzisa umthetho owaziwa ngokuthi iChild Justice Act oqale ukusebenza ngo-2008.
“Inkantolo ihlalelwe umsebenzi ongelula neze. Kumele ibhekelele zonke izinhlangothi ezithintekayo futhi ibheke nokuthi leli yicala elibucayi. Uma ithola ukuthi ingane yayikwazi eyayikwenza futhi ikuhlosile, ingayilahla ngecala bese inikwa isigwebo sangaphakathi ejele,” kusho uBooth.
Uveze nokuthi kumele inkantolo ibheke ukuthi le ngane engummangalelwa iphila mpiloni manje nokuthi ikhule ngaphansi kwesimo esinjani nokuziphatha kwayo.
UNkk Simamane noSibongakonke bashaywa babulawa ngo-Okthoba 5, 2020, eNewlands West, eThekwini. Izidumbu zabo zalahlwa KwaDabeka, eClermont, lapho ezatholakala khona ngosuku olulandelayo.
Kuyaye kube nokubhekana ngeziqu zamehlo nokuklolodelana phakathi kwalo mmangalelwa nezihlobo zabagilwa uma ithuke ihlangana emaphaseji enkantolo.
Lokhu kwaze kwanekelwa inkantolo wumyeni kamufi, uMnuz Senzo Simamane, ngesikhathi efakaza ngokuthi usamhlukumeza noma esesenkantolo ummangalelwa nomndeni wakhe.
AbakwaMthembu bafuna le ngane engummangalelwa inikezwe isigwebo esiqinile ngoba bakholelwa ukuthi yayikwazi eyayikwenza njengabanye abadala ababoshelwa leli cala.