BAVULELWE icala abahlengikazi ababili basesibhedlela saseNdwedwe, oSindisweni abasolwa ngokuphula isiguli umlenze bekhala ngokuthi siyabahlupha.
Ngokuthola kweSolezwe abahlengekazi baxabane nesiguli uNkk Matozi Dube (81) bagcina sebemphula umlenze.
Kuvela ukuthi umnyombo wengxabano kube ukuthi abahlengikazi bebekhala ngokuthi isiguli sizimoshela njalo bese kudingeka ukuthi sishintshwe yibona.
Umthombo uthe abahlengikazi babuze isiguli ukuthi kuzoze kube nini bona bemela le nto yaso yokuthi sizimoshele. Kuthiwa bebekhala ngokuthi bona sebekhathele ukwenza into eyodwa njalo.
"Ingxabano kuthiwa isuke lapho njengoba nesiguli kuthiwa sibaphendulile abahlengikazi. Kuthiwa bacikeke kakhulu basilamaza emlenzeni,'' kuchaza umthombo.
Umthombo uthe akucaci ukuthi yini abayisebenzisile belimaza isiguli.
Lolu daba kuthiwa lugcine selungenelelwa yisikhulu sesibhedlela okuthiwa sixolisile emndenini wesiguli ngokwenzekile.
Owomndeni okhulume neSolezwe, uNkk Ntombifuthi Ngcobo obethuthumela, uthe akakaze asibone isihluku esinjena.
"Mina ngazi ukuthi uma isiguli sisemtholampilo siyanakekelwa futhi akekho umuntu onelungelo lokusilimaza. Engikubone oSindisweni kuyangixaka futhi kusiphethe kabi njengomndeni wesiguli,'' kusho yena.
Uthe ngeke baze bathule bagoqe izandla ngokwenziwe abahlengikazi kodwa bazosukuma ukuze kwenzeke ubulungiswa ngalesi sehlo.
"Ngabe senza elikhulu iphutha uma singalusukumeli lolu daba. Phela lokhu ukwehliswa isithunzi somndeni nesesiguli. Sifuna ukuthi bajeze laba bahlengikazi. Asibadingi abahlengikazi abanonya olunjena ezibhedlela zethu,’’ usho kanje.
Uthe isiguli besihlengezela izinyembezi ngesikhathi sichaza ngokuhlukunyezwa abahlengikazi.
"Mina kuyangixaka ukuthi abahlengikazi abanjani abakwazi ukuhlukumeza ugogo omdala kangaka kudlule lapho aze agcine esebhandisha umlenze pho,'' usho kanjena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi kunecala elivuliwe esiteshini samaphoyisa saseVerulam mayelana nalesi sehlakalo.
Echaza kabanzi ngaso uNetshiunda uthe : "Kusolakala ukuthi abahlengikazi ababili balimaze isiguli ebesilaliswe esibhedlela. Kuthiwa baxabane ngesikhathi besigeza. Isiguli silimale kabi emlenzeni.''