UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, uhlalelwe yisinqumo esinzima ngesethenjwa sakhe u-Inacio Miguel, esisengozini yokuphuthelwa wumdlalo omqoka ngenxa yamakhadi aphuzi.
IChiefs izobhekana neSuperSport United namuhla ngo-5.30 ntambama, emdlalweni weBetway Premiership eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane. La maqembu azobhekana okwesibili amasonto elandelana ngoba atholane phezulu ngeledlule emdlalweni we-Last 16 yeCarling Knockout. Amakhosi ayithele ngehlazo lika 4-0 iSuperSport.
Namuhla inhloso yeChiefs akukhona ukushaya amagoli nje kuphela kodwa nokucosha amaphuzu azokwenza ihlale emshungwini wamaqembu aphezulu kwi-log yePremiership. Amakhosi awine imidlalo emibili kwemithathu aseyidlalile kule sizini. Irekhodi layo loniwe yiMamelodi Sundowns ewaxebule ngo 2-1 emasontweni adlule. Nakuba IChiefs izodlala neSuperSport namuhla kodwa kuyaziwa ukuthi ibheke nomdlalo wama-quarterfinal eCarling ezowudlala neSundowns ngempelasonto ezayo. Ngaphambi kwalokho, Amakhosi azobhekana neMagesi koweligi ngoLwesithathu ebusuku.
Inkinga ebhekene noNabi wukuthi uMiguel unamakhadi amathathu aphuzi. Uma ethola elesine, kuzomele ahlale umdlalo engadlali. UNabi kufanele anqume ukuthi uyamonga yini kowanamuhla, nangoLwesithathu ukuze angalitholi ikhadi lesine. Uma emdlalisa namuhla, wathola ikhadi lesine, uzodonsa isigwebo koweMagesi, abuye koweSundowns. Uma elithola koweMagesi, ngeke awudlale oweSundowns ngempelasonto. Okungaphathisa ngekhanda uNabi wukuthi uMiguel ungumdlali omqoka odongeni lwasemuva lweChiefs futhi usayidlale yonke imidlalo kule sizini. Ngakho kumele anqume ukuthi yimuphi abona engawudlala ngaphandle kukaMiguel ohlalise ngaphandle izitobha ezihlonishwayo okukhona uGiven Msimango.
Ngesonto eledlule, iChiefs iwinile kwiSuperSport kodwa izinto bezingayivuni ekuqaleni komdlalo. Akubuzwa ukuthi umqeqeshi waMatsatsantsa, uGavin Hunt, uzoqhamuka neqhinga elihlukile lokugwema ukwehlulwa yiChiefs kabili kulandelana. ISuperSport ibhekene nenkinga yokushoda kwabadlali ngenxa yokulinyalelwa yizethenjwa okubalwa uBradley Grobler.
“Ngaphambi kokuthi bashaye igoli besiphezulu ngomdlalo futhi yithina ebesilawula ukushesha kwawo. Baphunyukile nje. Akukhona ukuthi bebesixina. Ekugcineni umphumela wumphumela, abantu bazokhumbula lokho,” kusho uHunt.
Lo mqeqeshi, owayibamba kwiChiefs kumasizini adlule, uzwakalise ukungaphatheki kahle ngesimo seqembu ngoba baphoqekile ukudlalisa abadlali abasebancane. Sekunesikhathi ejimini yeSuperSport, kukhona uKeagan Dolly odedelwe yiChiefs, noSibusiso Vilakazi ohlukane neSkhukhune United ekupheleni kwesizini edlule. Kodwa ngenxa yokwentula inkece, Amatsatsantsa aphinde akuqinisekisa ukuthi ngeke abasayinise. Esikhundleni salokho, aboleke u-Abubeker Nassir kwiSundowns.
“Singiphethe kabi lesi simo kodwa iyodwa indlela esingenza ngayo, wukuthi sisishintshe. Kumele sisebenze kanzima kakhulu, sigijime kakhulu, sidlale kakhulu, sihlale ethembeni. Kimina kunzima kakhulu ngoba ngiyazi lapho okufanele sibe khona nokuthi yini esingayenza nesingayizuza,”kusho uHunt.
Imidlalo yeBetway Premiership yangempelasonto:
Namuhla- Ngo-3.30pm: Richards Bay v Stellenbosch (King Zwelithini Stadium); Marumo Gallants v TS Galaxy (Dr Molemela Stadium); Royal AM v Sekhukhune United (Harry Gwala Stadium).
Ngo-5.30pm: SuperSport United v Kaizer Chiefs (Peter Mokaba Stadium).
Ngo-8pm: Chippa United v Golden Arrows (Nelson Mandela Bay Stadium).
Kusasa-Ngo-3.30pm: Cape Town City v Magesi (Athlone Stadium); Polokwane City v Mamelodi Sundowns (Old Peter Mokaba Stadium).