UKUQHUBEKA komsebenzi ozodla izigidi wokuthuthukiswa kweMoses Mabhida Stadium ngeke kuwuphazamise uMasipala weTheku ekufakeni isicelo sokusingatha umdlalo wamanqamu weCarling Knockout ozokuba ngoNovemba 23.
Lokhu kutshelwe Isolezwe, uVusi Mazibuko, oyisikhulu saseMoses Mabhida esiphenduke ikhaya lemidlalo yamaqamu yePremier Soccer League (PSL) eminyakeni edlule.
UMazibuko ukusho lokhu izolo, lapho uMasipala weTheku ubumeme khona abezindaba ukuzozibonela umsebenzi oqhubeka kulo deda ngendlale wenkundla eyakhelwa ukusingatha imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2010.
“Ukuqhubeka komsebenzi esimatasa nawo akusho ukuthi sizoma ekufakeni izicelo zokusingatha imicimbi noma imidlalo emikhulu,” kusho uMazibuko.
Ngesikhathi leli phephandaba limbuza ngqo ngomdlalo wamanqamu weCarling, uMazibuko uphendule emamatheka wathi: “Angimile kepha ngiyasebenza! ITheku alisoze laliyeka ithuba uma lilibona.”
Nakuba kungazange kucace ukuthi uzoqedwa nini lo msebenzi osuphakathi kodwa omunye wonjiniyela ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba uhlebele Isolezwe ukuthi konke kuzobe sekuqondile ngoDisemba wonyaka ozayo.
Ngaphandle kokwengeza izinsimbi ezizoqinisa uphahla, kuvele nokuthi uma isiqediwe inkundla izokhanya ebusuku kuphinde kwandiswe nezinto ezingajatshulelwa kule nkundla ngaphandle kokuthi kuze kulindwe izinsuku zemidlalo.
Phambilini, le nkundla beyihanjelwa izivakashi zokugibela i-cablecar kodwa yafa ngo-2018.
IMeya yeTheku, uCyril Xaba, iqinisekise ukuthi sebelitholile igunya lokuqhubeka nokusingatha eminye imicimbi yize kuzobe kulungiswa.
“Akukhona ukuthi kukhona okufile enkundleni kepha kuqiniswa ezokuphepha kwesakhiwo kwazise kuphoqelekile ukwenza lokhu njengoba inkundla yethu isineminyaka engu-15 yavulwa ngokusemthethweni.
“Muva nje, uMkhandlu weTheku uvumelene ngokuthi kusetshenziswe u-R236 million ukwenza lo msebenzi ngenhloso yokufukula ezokungcebeleka eThekwini.
“Ngaphandle kokuqina kwezokuphepha kwesakhiwo, sinezinhlelo zokwengeza ezikaqeda isizungu ezahlukene eMabhida ngokufaka i-cable-car yohlobo lwesimanjemanje nezindawo eziningi zokuzijabulisa ezahlukene,” kuthembisa uXaba.
Sekufana nesiko ukuthi eyamanqamu idlalelwe eMoses Mabhida, njangoba kule sizini oweMTN8 wamanqamu udlalelwe kule nkundla emasonweni adlule.
Ngesizini edlule le nkundla yiyona eyayisingethe owamanqamu weCarling Knockout.