KHETHA SANGWENI
IZOBA nobuholi obusha maduze i-ANCYL KwaZulu-Natal, njengoba sekubekwe uhlaka lwesikhashana olunikezwe umyalelo wokuba nengqungquthela yokukhetha ubuholi.
Izinhlaka ze-ANCYL zisanda kuhlakazwa zonke ngoba kulungiselelwa ingqungquthela yokukhetha ubuholi kuzwelonke, ezobe ihlala ihlandla lika-26 selokhu lolu phiko lwasungulwa ngo-1944.
Ubuholi obuhlakaziwe bebunoMnuz Thanduxolo Sabelo engunobhala kanti kumanje uyikhansela kuMasipala weTheku, kuphinde kube noMnuz Kwazi Mshengu ongusihlalo kumanje unguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal. Lezi zikhundla zibhekwe kakhulu uma kukhethwa.
Uhlaka lwesikhashana luholwa nguMnuz Mafika Mndebele ongumdidiyeli kanti umnuz Sanele Mbambo ungumgqugquzeli. UNksz Nomnotho Lembede, ubekwe waba ngumgcinimafa. Kuthiwa isiqalile inkulumo ngezikhundla zobuholi namagama abangase bakhethwe asendiza emoyeni.
Okhulumela uphiko lwesikhashana lwe-ANCYL kuzwelonke uNksz Sizophila Mkhize, uthe bayalele zonke izinhlaka zesikhashana ukuthi zikhethe ngokushesha ukuze ziye engqungqutheleni kazwelonke okufanele ihlale ngoNovemba nonyaka.
UNksz Mkhize uthe konke kuhamba kahle ngamalungiselelo okuhlalisa ingqungquthela.
“Kufanele izifundazwe zihlale ngaphambi kukaNovemba ngoba sithandazela ukuthi ababekiwe ukuthi balungiselele bangalibali wukuklwebhana bodwa. Kungenzeka ukuthi bakhona phakathi kwabo abafisa ukukhethwa kodwa kufanele bangakubeki phambili lokho babeke umbutho kuqala,’’ kusho uNksz Mkhize
Nakuba ingakaqinisekiswa indawo nezinsuku zengqugquthela ye-ANCYL kuzwelonke kodwa kusikazwa ukuthi iye e-Free State, noma KwaZulu-Natal, futhi ingase ihlale izinsuku ezintathu. I-ANCYL inomlando wokukhiqiza abaholi abanjengo-Anton Lembede, Nelson Mandela, Collin Maine, Fikile Mbalula, Malusi Gigaba, noJulius Malema osenguMengameli we-EFF.