IZOFIHLWA ngeSonto inyanga yaseMlaza ebidumile, uMnuz Nhlanhla "Sbushebushe" Cele.
UCele owazakhela udumo olukhulu ngembiza esiza amadoda ekamelweni, uSbushebushe, udutshulwe wabulawa ngesonto eledlule esendaweni yakhe, iYellow Lounge ekwa-A, eMlaza.
Bamphuthumisa esibhedlela eMshiyeni okuyilapho okwamenela khona.
Umngcwabo wakhe uzobe usehholo lomphakathi lakwa-V, eMlaza. Kulindeleke ukuthi uhanjelwe ngabantu abaningi abavela ezindaweni ezahlukene.
Kulindeleke ukuthi uholwe yibandla laseZayoni abelihola, iDwala Lokuphila. Amalungu omndeni akuqinisekisile ukuthi uCele uzofihlwa ngeSonto.
NgoMgqibelo kuzoba nenkonzo yomlindelo ezodonsa ubusuku bonke kuze kuse ngakusasa.
Namuhla, khona ehholo kuzokuba nenkonzo yesikhumbuzo ehlelwe iNkatha Freedorm Part (IFP).
Kuzokhumbuleka ukuthi uCele ubengakufihli ukuthi uyilungu laleli qembu.
ISolezwe like labhala ngoCele phambilini ngesikhathi edutshulwa kodwa wasinda.
Ubeyinyanga ebiphinde ibe ngusomabhizinisi njengoba ebeqashe izisebenzi ezilinganiselwa ku-100 emabhizinisini akhe ehlukene.