BAGCIZELELE izizathu ezehlukene zokuthi kungani kufanele badedelwe ngebheyili abasolwa ecaleni lokubulawa komculi uKiernan ‘AKA’ Forbes nomngani wakhe uTebello ‘Tibz’ Mosoane.
Abasolwa abahlanu, oMnuz Lindokuhle Thabani Mkhwanazi, Lindani Zenzele Ndimande, Siyanda Eddie Myeza, Mziwethemba Harvey Gwabeni noLindokuhle “Lindo” Ndimande bebevele ngoLwesinne eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Abameli babo bebenza izethulo zokugcina njengoba kuqhubeka ukulalelwa kwesicelo sebheyili.
Ummeli womsolwa wesibili, uNdimande, u-Adv Walmaras, uthe akufanele ukuthi kubekwe isizathu sokuthi umsolwa angeqa aye kwelinye izwe, bube bungekho ubufakazi obusekela lokho.
“Ibheyili akufanele inqatshwe ngoba nakhu amaphoyisa athi kunobungozi. Abukho ubufakazi obukhombisa ukuthi angabaleka ngakho akwanele ukuthi kuthiwe uzobaleka,” kusho uWalmaras.
Uthe ngesikhathi uNdimande eboshwa, yathathwa ipassport yakhe.
Ummeli kaGwabeni, u-Advocate Paul Jorgensen uthe ikhasimende lakhe alikuphiki ukuthi kwafakwa uR800 000 ebhange lalo, wathi angasho angahlonizi ukuthi kwakungowebhizinisi.
“UMbuso unazo izindlela zokulandelela ukufakwa kwemali ukuze uzanelise. Imali wayithola enkampanini ehloniphekile,” kusho uJorgensen.
Uqhube wathi isizathu esidala ukuthi uMnuz Mfundo Gcaba (okuthiwa inkampani yakhe eyafaka imali), angaboshwa ingoba abukho ubufakazi obuphathekayo obumyamanisa necala.
Echaza ngemoto iBWM, okuthiwa yayilokhu ilandela u-AKA kusuka esikhumulweni sezindiza, uthe yayiqashelwe izinto ezihlangene nomsebenzi.
“Kwase kunesikhathi iqashiwe. Okunye okungavezwa ukuthi zikhona ezinye izimoto eziningi aziqasha ngaphambi kwalokho,” usho kanje.
IMantshi uMnuz Vincent Hlatshwayo ilihlehlisele inamhlanje icala, ukuze uMbuso wenze izethulo zawo zokugcina.