I-UNIVERSITY of KwaZulu-Natal (UKZN), ithi iyaphenya ngesigameko lapho izitshudeni ezivuke indlobane, zaphazamisa umcimbi obekuzokhuluma kuwona iBamba loMvikeli woMphakathi, u-Advocate Kholeka Gcaleka.
U-Advocate Gcaleka ubemenywe ukuthi azokhuluma nezitshudeni ophikweni, iHoward College ngaphansi komkhakha i-UKZN School of Law. Umcimbi abezokhuluma kuwona ubuhambisana nemigubho yeNyanga yeNtsha eqhubekayo futhi ubezokhuluma ngeqhaza lentsha ekwakheni uhulumeni oqotho nosebenzela abantu.
Kuthiwa uhlangabezane nembibizane izitshudeni zimbuza ukuthi uvinjwe yini ukukhipha umbiko ngePhala Phala. Kusalindwe umbiko wokugcina maqondana nePhala Phala njengoba uke waphuma umbiko wesikhashana owawubonakala ukhipha phambili uMengameli Cyril Ramaphosa.
Izitshudeni bezicula amaculo omzabalazo zimemeza zithi ngeke akhulume engachazile ngePhala Phala. I-UKZN ikhiphe isitatimende ithi nakuba kube nokuphazamiseka kancane kodwa u-Advocate Gcaleka ugcine ekhulumile kodwa kuphoqeleke ukuthi kuthuthelwe kwenye indawo.
“ Umcimbi weNyanga yeNtsha obubanjelwe eSchool of Law eHoward, uphazamisekile kancane. Umcimbi uthuthelwe kwenye indawo wase uqhubeka kahle ngaphandle kokuphazamiseka. Okwamanje kusaqhubeka uphenyo ngoba asifuni ukuqagela ukuthi yini imbangela yokuphazamiseka,’’ kusho isitatimende.