UMENGAMELI wezitshudeni zaseMangosuthu University of Technology (MUT), uVusumuzi Mthethwa, akachithanga sikhathi wethula izifiso zabo kuShansela omusha wesikhungo, uMnuz Sandile Zungu, obebekwa esikhundleni ngokusemthethweni izolo, ehholo lesikhungo eMlaza.
Umcimbi wokubekwa kukaZungu ukuba wuShansela, ubuhanjelwe yizifundiswa nezicukuthwane ezehlukene, kukhona nomsunguli waso isikhungo, uMntwana Mangosuthu Buthelezi.
UZungu ungumnikazi weqembu lebhola elizinze eThekwini, AmaZulu. Ugcotshwa nje, uvele udabuka khona eMlaza lapho okuzinze khona isikhungo esasungulwa ngo-1979.
UMthethwa, ohola izitshudeni ubesohlwini lwabazobeka amazwi okubongela uZungu. UMthethwa uthe igcagcele esokeni ngokuqokwa kukaZungu, wamcela ukuba abhekele izifiso zezitshudeni.
“Sifisa kugqugquzelwe ukwenza kahle ezifundweni. Isikhungo sikhiqize abantu abasezingeni eliphezulu, izitshudeni zesekwe ngayo yonke indlela.
Njengoba uwusomabhizinisi ohlonishwayo, usize nezitshudeni zingenwe wumoya wokuqala amabhizinisi. Siyacela kuthuthukiswe kakhulu ezobuchwepheshe besimanje esikhungweni,’’ kusho uMthethwa.
Eqhubeka uMthethwa ucele nokuthi kuthuthukiswe izindawo zemidlalo ukuze izitshudeni zibambe iqhaza kuzona. Ucele nokuthi isikhungo sibeke phambili abantu baseMlaza okuyindawo esakhiwe kuyona.
Uthe bayambongela futhi bayamemukela, bayethemba ukuthi uzobenzela okuhle kodwa esikhungweni.
UZungu ethula inkulumo emuva kobekwa uthe uzibophezele ukulekelela ukuthi iMUT ibe sezingeni eliphezulu kakhulu.
Izikhulumi eziningi zinxuse ukuthi uZungu asebenzise ukuhlonishwa kwakhe kwezamabhizinisi, azamele isikhungo uxhaso lwezimali.
Umsunguli wesikhungo uMntwana Mangosuthu naye umbongele uZungu, wathi uyamethemba. UShenge uthe uyajabula ukuthi isikhungo asisungula namanje sisaqhubeka nokukhiqiza abantu abasezingeni eliphezulu.
Abanye abebehambele emcimbini wuNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, Mnuz Moses Tembe ongusomabhizinisi nabaNtwana baseNdlunkulu kaZulu.