MHLENGI SHANGASE
NAKUBA ezinye izinyunyana zabasebenzi bakahulumeni seziqale uhlelo lokuqhinqa ngamakhefu ngoba zingeneme ngesiphakamiso sokunyusa amaholo kodwa izinyunyana zothisha zithi ngeke ziqhinqe ngoba azifuni kube khona into ezophazamisa ukubhala kuka-matric.
Izinyunyana iPSA neNehawu zisabise ngokuteleka njengoba zingeneme ngesiphakamiso sokunyusa amaholo abasebenzi ngo-3%.
ISadtu neNatu bathe abafune lutho oluzophazamisa ukubhala ku-matric yingakho bengeke baqhinqe noma bateleke ngalesi sikhathi.
Umengameli weNatu uMnuz Sibusiso Malinga, uthe yize bengeneme ngalesi siphakamiso kodwa ngeke baphazamise u-matric.
Uthe beyibhodi lenyunyana abakahlangani ukuqhamuka nomkhombandlela ngabazokwenza ngendaba yamaholo.
“Aseneme ngalesi siphakamiso kodwa ngeke siphazamise izivivinyo. Mkhulu umsebenzi owenziwe ngothisha belungiselela abafundi, besebenza ngamaholidi nangezimpelasonto ngakho ngeke lowo msebenzi siwuthathe njengento engekho.”
Uthe uma kukhona umnyakazo abazowenza bazowubona emuva kwezivivinyo.
“Okwamanje siqaphe ukubhalwa kwezivivinyo okuqhubekayo. Akwesekwe abafundi ngalesi sikhathi kuze kuphothulwe izivivinyo.”
Okhulumela iSadtu uNksz Nomusa Cembi, uthe bafuna umbono wamalungu abo azwakalisa ukuthi wamukelwe u-3% wokunyusa amaholo ngoba engafuni ukubanjelwa imali uma eteleka.
“Ngakho ke asiyona ingxenye yalabo abaqhinqayo ngoba bengeneme ngesiphakamiso samaholo. Uzokhumbula ukuthi uma kunesiteleka kusetshenziswa uhlelo lokubamba imali. Amalungu ethu ayaqhubeka nokuqapha ukubhalwa kwezivivinyo zika-matric.”
UMalinga uthe njengoba uhulumeni esikaza ukuwufaka ngenkani u-3% wokunyusa amaholo, bona bazowuthatha kodwa baqhubeke bafune enye imali.
Uhulumeni wakhala ngokuthi awunayo enye imali yokunyusa amaholo ngakho abasebenzi kumele bayamukele.
IPSA imemezele ukuthi izoqala ngokuqhinqa bese ngoNovemba 10, kuba nesiteleka esizomisa yonke into kuhulumeni.
UNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana, ethula isabelo mali samaphakathi nonyaka ngeledlule ePhalamende, waveza ukuthi babazamile abasebenzi bakahulumeni ngokuthi baphakamise ukunyusa imali ngo-3%.