UMASIPALA weTheku udonse ngendlebe izakhamuzi zaseMlaza ukuthi zikhiphe udoti ngezinsuku ezisemthethweni ukuze kukhucululwe udoti olahlwa ezindaweni ezingafanele.
Esitatimendeni esithunyelwe nguMnuz Mandla Nsele, wophiko lwezokuxhumana kuMasipala weTheku, abasebenzi bakwamasipala basebenza ngokuzikhandla ukuqoqa udoti kuleli lokishi.
Baveze ukuthi bakwazile ukuqoqa udoti obulahlwe ezindaweni ezingafanele kodwa kwacelwa abantu ukuthi bawukhiphe ngezinsuku ezifanele.
Kukhunjuzwe abantu ukuthi ngoMsombuluko kusuke kuqoqwa udoti kwa-A, AA, B, S, K KwaMgaga, N,Y, G-zone 1 neMalukazi.
NgoLwesibili uqoqwa kwa-E - North, D, G-zone 2, J-Stocks, BB, M nakwaQ.
NgoLwesithathu uqoqwa kwa-E- South, W, F, J-Emadamini, U, L, R naseZamani.
NgoLwesine udoti uzoqowa kwa-V - North, C, H, K ko-7, Z, CC nakwaP.
Kuthi ngoLwesihlanu uqoqwe kwaV - South nakwaJ eZwelibanzi.
Bathe ukukhipha udoti ngezinsuku ezifanele kwenza ukuthi unganqwabelani endaweni eyodwa.
Kuthiwa abantu kufanele basebenzise opulasitiki bakadoti abamnyama.
Abantu abahlukaniswe nabanye noma abane-Covid-19, bayacelwa ukuthi bababhangqe opulasitiki babo bakadoti.
Ababona udoti olahlwe endaweni engafanele kufanele babike lokhu ngokushayela * -031 311 8804.
Eminye imininingwane ngohlelo lokuqoqwa kukadoti itholakala ngokushayela iDSW ku-031 311 8804.