IZOBE idubukele emcimbini we-EFF wokugubha iminyaka eyi-10 yasungulwa ozoba senkundleni yezemidlalo iFNB, eGauteng ngoJulayi 29. I-EFF yasungulwa ngoJulayi 26, 2013 ehholo i-Uncle Tom, eSoweto lapho okwakubanjwe khona umhlangano.
Umholi uMnuz Julius Malema nabanye babexoshwe yi-ANC kade ewumengameli wophiko lwentsha. Abaxoshwa babelahlwe amacala okungaziphathi kahle nawokufaka inhlangano ehlazweni.
UMalema umemezele ukuthi abantu sebenikele ngezinkomo ezifike ku-100 futhi bamagange ngomcimbi omkhulu wokugubha iminyaka eyi-10.
“ Kuhle kakhulu lokhu enikwenzayo futhi kutatazelisa izitha zethu, azifuni phela kunikelelwe umzabalazo. Kufanele nikuqonde ukuthi umzabalazo uyanikelelwa, qhubekani ninikele kakhulu,’’ kusho uMalema.
Kuvamile ukuthi i-EFF uma igubha usuku lwayo lokuzalwa bese igingqa izinkomo kudliwe inyama kufinywe ngendololwane. Kulindeleke ukuthi inkundla ibe bomvu ngosuku lomcimbi kanti uMalema uthe kulapho bezokhombisa khona ukukhula kwabo.
Uthe bazobheka emuva ibanga asebelihambile bese ekhomba indlela eya phambili ikakhulukazi njengoba kubhekwe okhethweni.
I-EFF emuva kokusungulwa kwayo yafika ngamandla kwezepolitiki yathola izihlalo ePhalamende, ezishayamthetho zezifundazwe nakomasipala abehlukene. Ingenise nasezikhungweni zemfundo ephakeme inqoba yaphatha izinhlaka zabafundi.