UKUHAMBA kukaMadoda Mxakwe obeyisikhulu esiphezulu kulenhlangano esakazela umphakathi sekuholele ezinguqukweni zesikhashana.
UMxakwe ujoyine iSabc ngo2018 esayine inkontileka yeminyaka emihlanu nokuyiyona ebeyiphela njengoba eseshiyile nokuyinto ayenze ngoJuni 30, 2023.
Umthombo weSolezwe Ngempelasonto Online, udalule ukuthi isikhundla ebesiphethwe uMxakwe sizobanjwa uNada Wotshela ophethe imisakazo kanjalo nophiko lwethelevishini kwaSabc. Isikhundla esiphethwe nguNada sizobanjwa uSiphelele Sixaso ophethe imisakazo esakazela umphakathi kwaSabc.
Uqhuba umthombo uthe, uSbongi Ngcobo ongumphathi woKhozi FM yena usezobamba isikhundla esiphethwe uSiphelele Sixaso, sokusingatha imisakazo esakazela umphakathi kwaSabc, efana noMhlobo Wenene, Ukhozi FM, Gwalagwala neminye.
“UKhozi FM kuthiwa luzokuba sezandleni zikaLwazi Mthabela.
Isolezwe Ngempelasonto Online lithinte okhulumela iSabc, uMmoni Seapolelo okuqinisekisile ukuthi uNada Wotshela uyena obambe esikhundleni ebesiphethwe uMxakwe. Ube esephazamiseka engakaphenduli mayelana noSphelele benoSbongi.