INGAPHEZULU kuka-10 000 izingane ezilahlwa ezindaweni ezingaphephile eNingizimu Afrika njalo ngonyaka.
Inhlanganisela yezinhlangano eziningi ezibhekele ukuhlenga izingane ezilahliwe iBaby Saver South Africa, ithi iningi lezingane ezilahliwe zitholakala sezishonile.
Ngokwale nhlangano ububha, ukukhulelwa kwamantombazane asemancane kungezinye zezizathu eziholela ekutheni omama bancamele ukuzilahla izingane.
EGauteng zingu-56 izingane ezitholwe zilahlwe ezibhedlela phakathi kukaJanuwari no-Agasti nonyaka.
UMqondisi weDoor of Hope Children’s Mission, ongomunye wabasunguli beBaby Savers South Africa, uNkk Nadine Grabham, uthe izingane ezilahliwe ezisuke zisaphila eziningi zilethwa kubo ngamaphoyisa.
"Ezinye zishiywa ezindaweni ezicashile ezibhedlela, ezinye zishiywa emnyango wakhona esibhedlela. Kwesinye isikhathi siyabathola onina abathi abanako ukudla, izingubo nezinye izinto zokunakekela izingane ngakho ngeke bakwazi ukuzikhulisa. Imbangela enkulu yokulahlwa kwezingane kuba ukuthi onina bayahlukunyezwa kwesinye isikhathi basuke bese bancane noma bedlwenguliwe," kusho uNkk Grabham.
Unxuse abazizwa sengathi abakulungele ukuba ngabazali ukuba bazishiye ezibhedlela izingane lapho kushiywa khona izingane bangazilahli noma bazihambise ezinhlanganweni ezifana neDoor of Hope Children's Mission.
Uthe enye inkinga enkulu kuleli wukuthi omama abaningi abakhulelwe bengahlosile basasebenzisa izinhlelo ezingaphephile zokuhushula izisu, abanye babo basuke sebesesigabeni sesithathu sokukhulelwa, bese beyazilahla izingane abazikhiphile.
"Izingane ezizalwe zalahlwa siyazigcina kuze kube zithola abazozinika amakhaya. Kudingeka ukuthi siyisizwe sizame ukulwa nezinga lobubha eliphezulu, ukuhlukunyezwa kwabesifazane nokukhulelwa kwamantombazane asemancane. Uma singenze njalo singehla isibalo," kusho yena.
Ulwazi olukhishwe yile nhlangano luveza ukuthi u-65% wezingane ezitholakala zilahliwe zisuke zisanda kuzalwa, ezingu-90% zisuke zingakawuqedi unyaka.
U-70% wazo utholakala ulahlwe emathoyilethi, emigqonyeni, emapayipini nalapho kulahlwa khona imfucuza kanti ezinye zisuke sezingcwatshwe ezindaweni ezingafanele ezinye zazo sezidliwe yizinja noma amagundane.