ZIKHALA ngokuxhashazwa yinkosi ezikhokhisa imali engenamkhawulo izinduna zenkosi yaseVryheid.
Izinduna zingaphansi kwenkosi uLanga Zulu wakwaNgenetsheni, eVryheid, zithi selokhu inkosi ingene esihlalweni eminyakeni emihlanu edlule ziyakhokha. Muva nje inkosi ithe mazigunyaze ukubanjelwa imali engu-R150 okuzoqala ekupheleni kwale nyanga.
Izinduna ezicele ukuthi zingadalulwa ngoba zisaba ukuthi zizoxoshwa zithi imali kuthiwe eyokwakha indlu yezinduna emzini wenkosi eZitheni, nokubhekela izindleko zokuhamba kwenkosi uma iya emihlanganweni.
"Inkosi yazisholo yona emhlanganweni ukuthi kumele sikhokhe le mali. Selokhu ingenile inkosi esihlalweni siyafa ukukhokha. Sesike sakhokha kuthiwa asifulele enye indlu yazo izinduna komunye umuzi wenkosi, eNtekelweni. Sakhipha imali yafulelwa indlu kumanje ikhona. Sikwenza lokhu nje ikhona inkantolo yenkosi nehholo lomphakathi eliseduze. Le ndlu singena kuyo uma inkosi ibize uzalo bese ibiza nezinduna. Lesi stop order akekho owaziyo ukuthi sizokhokhwa kuze kube nini," kusho enye induna.
Enye induna ithe sebeke bakhokha o-R1000 kuthiwa inkosi iyolobola. Uma ihamba inkosi iya emhlanganweni izinduna zikhipha imali kaphethroli, uma izoya eNdlunkulu nakhona izinduna ziyakhokha ukuze ithenge isipheko. Uma inomcimbi noma kushone isihlobo sayo izinduna kuthiwa azikhokhe kodwa uma sekushone induna, inkosi ayikhiphi lutho kuphinde kukhokhe zona izinduna.
"Sicindezelekile asikwazi ukukhuluma, kunzima ukuthi siphikise ngoba sazi ukuthi inkosi ayiphikiswa. Uma uke wathi awunayo imali kuthiwa awunayo kanjani ngoba uyahola," kusho le nduna.
Kwabona ubuduna zithi bujoyinwa ngenkomo, ukuba yiphoyisa kujoyinwa ngembuzi.
"Mina ngibe yinduna kusaphethe uyise wenkosi besingayikhokhi imali kaphethroli wenkosi. Angazi noma inkinga idalwa ukuthi izinduna manje seziyahola. Sengimdala kumele ngiye kodokotela ngoba sengiyagula, ngigcina ngingasakwazi ukukwenza lokho ngoba imali eningi engiyiholayo yenza izinto zakwankosi," kusho induna esikhulile.
Kulesi sizwe zingu-38 izinduna.
UNdunankulu wenkosi, othe unguNgcongo uthe akazi lutho ngestop order ubengayanga enhlanganweni wokugcina ngoba ubegula.
"Bengingakabuzi ukuthi emhlanganweni bekuthiwani. Angazi lutho ngemali ekhokhwa yizinduna," ezihlangula.
Ithintwa inkosi, iphendule yathi: "Izinduna zaziphi izigodi lezo? Ungangibuzi into engingayazi mina," yasho yavala ucingo. Ayibange isalubamba ucingo uma ifonelwa.
UMnuz Senzelwe Mzila, okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zabuHoli boMdabu, KwaZulu-Natal, uthe umnyango ubungalwazi lolu daba usazoluphenya.