KULIMALE izigagayi zeSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini zibuya ecaleni elithinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
AbaNtwana uVanana Zulu noSimphiwe Zulu, abaqhamuka endlini yakwaMinyamanzi, balimale engozini yemoto ebehlele ngesikhathi bebuya kuleli cala ebeliqulwa eNkantolo eNkulu ePitoli, izolo.
Bobabili abantwana bebelokhu bephambili ekwesekeni iSilo kusukela kwaqala umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
UMntwana uVanana usanda kuqokwa njengomdidiyeli wamabutho kanti uMntwana uSimphiwe umele iSilo endlini yobukhosi bomdabu.
Ingozi yenzeke eSprings kanti abantwana baphuthunyiswe esibhedlela emva kwengozi.
Lezi zindaba ziqinisekisiwe okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana u-Africa Zulu.
UMntwana u-Africa uthe babikelwe ukuthi imoto ebihamba abantwana iphendukile ngesikhathi ibandakanyeka engozini.
“Izindaba ezibuhlungu lezi esizitholayo. Baficwe ingozi ngezikhathi zasemini, besuka ePitoli.”
UMntwana u-Africa uthe babikelwe ukuthi isimo sabantwana asisibi.
“Ngokombiko esiwutholile ukuthi kube imihuzuko nje engalweni kuMntwana uVanana, kuMntwana uSimphiwe kwaba imihuzuko esifubeni. Baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bayaxolingwa.”
UMntwana u-Africa uthe iSilo uMisuzulu sifisela abantwana ukululama ngokushesha.
Abantwana abalimele ibona abebephambili njengoba uZulu ubuyokweseka iSilo ecaleni eliqulwe izinsuku ezintathu.
UMntwana uVanana uyena obehola amabutho abeviliyela ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwecala.
UMntwana uSimphiwe yena ubeba ngaphakathi enkantolo.
Uyena owakhuza abeseka iSilo ngesikhathi behhewula omunye wabameli wabafake icala ngesikhathi kuqalwa ukuqulwa kwecala ngoMsombuluko.
Kwaphinde kwaba uyena uMntwana uSimphiwe owathulela amabutho umbiko ngobekwenzeka ngaphakathi enkantolo ngoMsombuluko.
Icala ebelithethwa enkantolo liphonsela inselelo isinqumo sikamengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo.
Kuleli cala kuhlanganiswe izicelo ezimbili.
Esokuqala sifakwe uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini kanti esinye sifakwe uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu.
Bobabili bafuna ukuthi kuchithwe ukuqokwa kweSilo.
Ijaji Norma Davis lisigodlile isinqumo salo kuleli cala njengoba linikeze zonke izinhlangothi ithuba lokuthi zilethe ezinye izethulo ezibhaliwe ngaphambi kokuthi kuphume isinqumo.