BAHLALELE ovalweni abafundi besikole iMasakhaneni High, KwaMakhutha emuva kokubulawa kwabafundi ababili ngesikhathi kuhlaselana abafundi esikoleni.
Kuphazamiseke ukufunda ngesikhathi abafundi bakulesi sikole begwazana ekuseni izolo emuva kokuthi kuhlaselwe omunye umfundi esikoleni ngoLwesihlanu olwedlule.
Abafundi bakulesi sikole, uSihle Mngadi (17) waKwaMthiyane, KwaMakhutha obefunda uGrade 11, noMangaliso “So” Mbatha (18) waselokishini KwaMakhutha obefunda uGrade 10 bashonele emtholampilo emuva kokugwazwa ngesikhathi kusuka uthuthuva esikoleni.
Umfundi ofunda uGrade 11 obekhona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, ongathandanga ukudalulwa, uthe indaba iqale ngokuthi kuklajwe omunye umfundi ngoLwesihlanu olwedlule.
SIHLE MNGADI
“Lo mfundi waphucwa iselula abafundi baselokishini. Ubelokhu ebacela ukuthi bambuyisele kodwa laba bafana bathi bayidayisile. Bamnike enye iselula ebhedayo kodwa wabatshela ukuthi abayidayise leyo babuyise eyakhe. NgoLwesihlanu labo bafundi bavele bafika nobhushu bamklabha ebusweni,” kusho lo mfundi.
Uthe labo bafundi baphinde bahlasela umfundi obethathelwe iselula izolo nokuyilapho kusuke isidumo esiholele ekutheni kubulawe uSihle noMangaliso.
“Bangene ekilasini bephethe obhushu baqonda kulo mfundi ababemthathele iselula bafuna ukuqhubeka bamhlasele. USihle usukume wazama ukuyokhuluma nomunye wabo wavele wamgwaza,” kusho lo mfundi.
Ngokusho kwakhe kube sekusuka uthuthuva kwaliwa nokuyilapho okugcine sekulimala noMangaliso. Kulesi sigameko kuthiwa kugwazeke omunye uthisha nomfundi abebezama ukulamula.
MANGALISO MBATHA
Abafundi bakulesi sikole, abaveze ukuthi sebeyasaba ukubuyela esikoleni, bathe lesi sigameko senzeke bekhona othisha. Bathe kuke kwaba khona ingxabano phakathi kwabafundi abahlala elokishini nabafana abahlala ngaphandle kwelokishi okubalwa kubo abaseRussia nabakwaMthiyane kodwa lesi simo saxazululwa kodwa manje siqale phansi.
Bathe bafisa sengathi uMnyango wezeMfundo ungangenelela kulesi simo.
Abazali babafundi abashonile bathe namanje abakakholwa wukuthi izingane zabo zishone emuva kwempi eyenzeke esikoleni.
Ubabekazi kaMangaliso, uNkk Nomusa Zulu, uthe bafisa uMnyango wezeMfundo uxazulule izinkinga zakulesi sikole njengoba ethe lesi sigameko nezinye izinkinga ezikhona sezizokwenza ukuthi abazali bangafisi izingane zabo zifunde kusona.
Unina kaSihle, uNksz Slindile Mngadi, uthe ufisa sengathi singavalwa lesi sikole. Uthe akafisi ngisho ukuzwa ngaso.
Lesi sikole sike saba sezindabeni emuva kokuthi kuxoshwe othisha abangu-17 ngoba besolwa ngokudayisela izingane izidakamizwa nokungafundisi. Kuthiwa kube sekulethwa amavolontiya angaqeqeshiwe kwathiwa awabambele othisha.
UNksz Lungile Lushaba, ongusihlalo wenyunyana yothisha iSadtu esifundeni sase-Andrew Zondo, uthe bakhathazekile ngesimo sakulesi sikole.
“Okusikhathazayo wukuthi ukungabibikho kothisha kungesinye sezizathu eziholele kulesi sigameko. Abafundi bahlala isikhathi eside kungekho thisha ekilasini. Lesi sigameko senzeke ngesikhathi sesikole la okufanele engabe abafundi basekilasini khona,” kusho uNksz Lushaba.
Uthe bafisa sengathi bangasuswa abafundi bayiswe kwezinye izikole ngesikhathi kusaxazululwa izinkinga ezikhona njengoba ethe abaphephile esikoleni.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe uNgqongqoshe wezeMfundo udlulisa amazwi enduduzo emindenini yezingane ezishonile. Uthe banethemba lokuthi amaphoyisa azophenya ngalesi sigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa ayaphenya ngokwenzeke esikoleni. Uthe isizathu sokubulawa kwabafundi besingakaziwa futhi bekungakaboshwa
muntu.