ISIPHAKAMISO sikahulumeni waKwaZulu-Natal sokuthi kwakhiwe ibhilidi elikhulu elizoba nenxanxathela yamahhovisi, sibukeke sivusa inyama ogqokweni ngodaba lokubuyiselwa kukahulumeni oLundi. Uhulumeni oholwa yi-ANC ubukeka ungahambisani nesiphakamiso sasoLundi.
Umsindo wokuthutha awubhokile la esifundazweni kuphela kodwa nakuzwelonke ushisa phansi umsindo njengoba i-EFF ithi iPhalamende alithuthelwe ePitoli ukuze kuzoba lula ukusebenza kukahulumeni.
Uhulumeni usezinhlelweni zokusebenzisa imali ebalela kuR 6 billion akha lesi sakhiwo okuthiwa sizoba sezingeni eliphezulu eMphithi. Phakathi kwezinye izizathu zalokhu wukuthi uhulumeni ahlukane nokukhokhela izakhiwo aqashe kuzona ezidla izigidi minyaka yonke. Okwesibili; wukuthi uhulumeni utholakale endaweni eyodwa, yonke iminyango.
Ngesikhathi sikaHulumeni waKwaZulu, isiShayamthetho sesifundazwe sasisoLundi, namanje leso sakhiwo sisekhona, kuyenzeka kubanjelwe khona eminye imicimbi. Kuthe sekuthatha uhulumeni we-ANC, wanquma ukuthi isiShayamthetho sithuthe siye eMgungundlovu, nayoyonke iminyango kahulumeni. Babeka izizathu zabo labo ababethatha lesi sinqumo, esinye sazo wukuthi Ulundi lukude, akunfinyeleleki kakula khona uma kusetshenzwa.
Kumanje uhulumeni uqashe isakhiwo sesiShayamthetho, ukhokha R 11 154 000 ngonyaka. IHhovisi likaNdunankulu likhokha R 7 198 000, uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa koMphakathi wasemaKhaya ukhokha R 5 306 000. UMnyango wezobuCiko namaSiko ukhokha R 8 182 000, uMnyango wezokuXhunyaniswa koMphakathi nokuPhepha ukhokha R 5 055 000, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ukhokha R 14 319 000.
UMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha neMvelo ukhokha R 21 558 000, uMnyango wezeMfundo ukhokha R 15 517 000. UMnyango wezeMpilo akuveli lutho ngaphansi kwawo ngokunjalo noMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi. uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ukhokha R 13 667 000.
UMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi ukhokha R 19 541 000, owezeMidlalo nokuNgcebeleka ukhokha R 4 196 000, uMnyango wezeziMali ukhokha R 19 905 000. UMnyango wezokuThutha ukhokha R 4 910 00. Imali ebalwe ngenhla yile ekhokhwa wumnyango ngamunye ngonyaka ebhilidini eliqashiwe.
Kanti uma sekuhlanganisiwe yonke iminyango ikhokha R 154 418 000 ngonyaka emabhilidini aqashiwe. Amabhilidi ayisidingo esimqoka ekusebenzeni kukahulumeni ngoba kulapho amahhovisi aba khona.
I-IFP ibivamile kule minyaka edlule ukuthi ilokhu ikuveza ukuthi uhulumeni ukhokha kakhulu eqasha amabhilidi, kungaba kuhle kubuyelwe oLundi. Uma iwuveza lo mbono wayo ibivame ukuthi inganakwa kakhulu futhi kugcine sekuyiculo layo. Kamuva nje, kuvumbuke iqembu i-ActionSA yasusa umkhankaso wokubuyela oLundi.
USihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, wenze obekungalindelekile ememezela ukuthi baqale umkhankaso wokubuyela oLundi. UMncwango uthe inkulu kakhulu imali ekhokhwa wuhulumeni oqashe amabhilidi. Uthe usola ukuthi kukhona abathile abaqshisa amabhilidi abangafuni kuthuthwe kuyiwe oLundi ngoba bayahlomula.
“Inkinga esibhekene nayo ngaphezu kwepolitiki, kukhona iziqhwaga ezingabanikazi bamabhilidi ezingafuni kuthuthwe. IsiShayamthetho sisodwa sikhokhela abanikazi bamabhilidi R 11 million kodwa uma sekuhlangene neminye ininyango kahulumeni kuba wuR 150 million ngokuba seMgungundlovu,’’ kusho uMncwango.
UMncwango uthe usola ukuthi ukuphikiswa kwesiphakamiso sokuthutha kuhambisana nokuvikela abahlomulayo. Emuva komkhankaso kaMncwango, kuvele i-IFP ithi iyajabula kakhulu ukuthi namanye amaqembu aseqala ukuyibona njengawo le ndaba.
I-ActionSA ivule ithuba lokuthi abantu babeke imibono yabo ngalolu daba, basayine ukuze kucace ukuthi bafuna kwenzekeni.
UMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe basamile ekutheni akubuyelwe oLundi ngoba isakhiwo sakhona sisezingeni eliphezulu.
“ I-IFP isikuveze kaningi ukuthi ayihambisani nokuthi kwakhiwe isakhiwo sikahulumeni esizodla R 6.8 billion eMgungundlovu, lokhu kuyofana nokumosha imali yabakhokhi bentela nje. Sivele sikhona isakhiwo oLundi, manje lesi esisha siyofana nokudlala ngemali. Sibona kufanele kuthathwe leyo mali isebenze kwezinye izidingo zomphakathi ezibalulekile,’’ kusho uHlabisa.
Uthe kunengozi yokuthi umsebenzi wokwakhiwa kwebhizlidi likahumeni uyogcina unikwa abantu abathile abazana nabathile, kudliwe imali. Njengoba kukhona amaqembu asephumele obala ngalolu daba, bekungaba kuhle ukuthi namanye akhona kuhulumeni ayibeke imibono yawo kuzwakale ukuthi athini.
Umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Thabani Khumalo, uthe kwesinye iskjhathi kuyafuneka ukubeka eceleni ipolitiki, kubhekwe okuzosiza abantu.
“Ake sizibuze ukuthi kwathuthelwani kwasekuqaleni kusukwa oLundi kuyiwa eMgungundlovu? Babekhale ngendaba yokuthi kukude. Izwe njengamanje lisesimeni esibi, imali ayikho. Isakhiwo sasoLundi singakwazi ukufaka yonke iminyango ekhona. Imali kufanele isebenze ukuhambisa izidingo zabantu futhi abanandaba nokuthi uhulumeni uhleli kuphi, bona bafuna izidingo,’’ kusho uKhumalo.
Uthe izinqumo ezinje zibuye zihambisane nepolitiki nje yamaqembu bese kusala ngemuva izidingo zabantu. Uthe uma kuwukuthi i-ANC yayigwema ukusebenzisa izakhiwo zikahulumeni waKwaZulu, kungani isebenzisa izakhiwo ezasala kuhlumeni wobandlululo? Akwaziwa ukuthi kuyogcina kanjalo, isiyobanjwa esithele nayo ngalolu daba olubukeka luya ngokuya lujiya.