NGENXA yokuthi inhlabathi yilona gugu elikhulu embusweni wakwaZulu, umbango weSihlalo sobukhosi usuze wakapakela nasesikhwameni esigade umhlaba.
Lesi sikhwama esaziwa nge-Ingonyama Trust, sisebenza njengenkampani eyenganyelwe yinqubo kahulumeni. Amahhovisi ayo aseMgungundlovu lapho kunabasebenzi bamakhono ahlukene okubalwa kubo abezomthetho nabaqonda ngokuqashiswa nokudayiswa komhlaba nezakhiwo. Muva nje, sekukhona abafuna kuhlakazwe ibhodi leNgonyama Trust eliqokwe ngaphansi kweSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Isicelo sokuthi kuhlakazwe ibhodi sifakwe uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, ofuna ukuthi iSilo singavunyelwa ukuba sengamele Ingonyama Trust kuze kube kuphothulwa icala elithinta umbango weSihlalo sobukhosi bukaZulu.
Lesi sicelo sifakwe eNkantolo eNkulu eMgungundlovu. Umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust, ngokomthetho ophasisiwe, wenganyelwe ohlezi esihlalweni sobukhosi bukaZulu.
KwaZulu-Natal, Ingonyama Trust yengamele umhlaba ongu-29%, ongu-2.8 million hectares. Kulo mhlaba kunemizi nezikhondlakhondla zezinkampani eziqhuba amabhizinisi. Intela nemali yokuthuthukiswa kwalo mhlaba kuya kulesi sikhwama.
Abantu abakhe emhlabeni ongaphansi kweNgonyama Trust bayakhonza emakhosini, abawakhokhi ama-rates. Kuqagelwa ukuthi Ingonyama Trust iqoqa imali enguR90 million njalo ngonyaka.
Izindaba ezithinta Ingonyama Trust zihlezi zisusa umsindo. Kwakhona ukuqalwa kwayo Ingonyama Trust, yaqalwa isimo simazonzo. Yasungulwa ngo-1994, isungulwe emva kokuthi i-IFP, eyayiholwa ngowayengundunankulu kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, yasabisa ngokungalungeneli ukhetho lwangaloyo nyaka.
Ukusungulwa kweNgonyama Trust kwaholela ekutheni i-IFP igcine ivumile ukungenela ukhetho.
Kule minyaka, umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust ubuhlezi uzulelwa amanqe, uhulumeni kazwelonke uzama izindlela zokuguqula imithetho esebenza ukuphathwa komhlaba ongaphansi kwamakhosi.
UButhelezi uhlale ePhalamende waze waba neminyaka engu-95 ngoba nakhu ayethi ugade ukuthi ungathathwa umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust.
Ngo-2017, kusuke umsindo emva kokuthi ithimba elaliholwa owayengumengameli, uMnuz Kgalema Motlanthe, liphakamisa ukuthi ichithwe Ingonyama Trust.
Lokhu kwaholela ekutheni iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu sibize imbizo kaZulu. Kule mbizo eyayisoNdini, uMdlokombane noZulu bafunga bagomela ukuthi bazowuvikela umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust.
Umsindo wakamuva othinta Ingonyama Trust uqale emva kokuqokwa kwebhodi elisha. Kube nomdonsiswano ngesikhathi iSilo uMisuzulu siqoka iNkosi Thanduyise kaMpiyezintombi Mzimela, ukuba abe uSihlalo.
UMzimela ungene esikhaleni sikaJaji Jerome Ngwenya. Kunenkolelo yokuthi uButhelezi wayefuna ukuba kuqhubeke uNgwenya. Isimo saba muncu kakhulu phakathi kweSilo noShenge ngale mpikiswano.