UKWESULA kukaSotswebhu we-DA eSishayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, kuqinise izinkulumo zokuthi angase ethulwe njengosihlalo we-Action SA esifundazweni.
UMncwango umangaze abaningi ememezela ukuthi uyesula eSishayamthetho, kuthe kusabhekwe lokho, kwavela eminye imibiko ngoMgqibelo yokusula kwakhe njengelungu le-DA.
I-Action SA ayinaye umholi wesifundazwe emuva kokwehlukana noDkt Makhosi Khoza, emxoshe ngasekuqaleni konyaka. Iqembu liyaziwa ngokutheza abaholi namalungu eDA nakwezinye izifundazwe.
Okuqinisa izinsolo wukuthi iphephandaba lithe uma lixoxa noMengameli we-Action SA, uMnuz Herman Mashaba, wangayichitha ekaMncwango kodwa wathi bazokwethula umholi waseKZN maduze.
“ I-Action SA izokwethula umholi wayo KwaZulu-Natal, ngo-Okthoba 17 futhi sinethemba lokuthi siyobonana nani khona esithangamini nabezindaba,’’ kusho uMashaba.
Kwenzeka lokhu nje, Isolezwe ngeSonto libikile phambilini ngokuthi kunezingxoxo phakathi kukaMncwango ne-Actiona SA futhi zikuvuthondaba. I-Action SA ihehe uMncwango ngokuthi uzoba ngumholi esifundazweni uma eyijoyina. UMncwango ulokhu engena ezintangeni uma ebuzwa ngekusasa lakhe ethi akanikwe ithuba lokucabanga kahle.
Umthombo ongaphakathi kwi-Action SA owawupotshoze udaba kwasekuqaleni, uthe maningi amathuba okuthi kwethulwe uMncwango. Umthombo uthe uma ubheka isikhathi asule ngaso useyazilungiselela ukuthi ethulwe. UMncwango wesule ekhala ngokuthi kukhona izinto angeneme ngazo ezenzeka eqenjini.
UMncwango njengoba eshiya i-DA, uke waba wumholi wayo esifundazweni amahlandla amabili, wabe esecela ukudedela abanye abaholi. Uke wahola ikhokhasi ye-DA kuMasipala weTheku, ngaphambi kokwenyukela eSishayamthetho. Sekwejwayelekile ukufuduka kwabaholi abamnyama kwi-DA bekhala ngenhlalo engeyinhle.