NJENGOBA inhlolokhono yozoba yiNhloko yamaJaji ingenele osukwini lwesithathu, sekubonakele ukuthi kushikisha ufudu, njengoba ithimba lijikijela imibuzo enzima kuMengameli wamaJaji eGoli, iJaji Dunstan Mlambo.
UMlambo ungowesithathu ukuza kule nhlolokhono edle ngokuqina.
Inhlolokhono yakhe iqale ngendlela njengoba eyindlalele ngokucaba indlela ngezethulo zakhe azibize ngokuthi yizinsika eziyisikhombisa angazisebenzisa ukwengamela lesi sikhundla.
Kodwa kuthe sekuvuleleka ithuba lokuthi aphonswe imibuzo, isithunzi sakhe nokwethembeka kwakhe kwaqala kwabukelwa eduze.
Okuthuse kakhulu ukuvela kwezinsolo zokuhlukumeza ngokocansi eziyamaniswe naye.
Kube ummeli uDali Mpofu oveze ukukhathazeka ngamahemuhemu akhulunywayo ngoMlambo, ebuza ukuthi kungenzeka yini ukuthi uma enganikwa lesi sikhundla sokuba yinhloko yamajaji, kuqhamuke abagilwa beze ngaphambili.
UMlambo uziphikile izinsolo, wathi akukho okuphathekayo ngazo.
UMlambo unesipiliyoni kwezomthetho seminyaka engaphezulu kwengu-30. Uke waba uSihlalo weLegal Aid South Africa.
Waqokwa njengomengameli wamaJaji waseGoli ngo-2012.
Phakathi kweminye yemisebenzi yakhe kubalwa nowango-2014 ngesikhathi ethatha isinqumo sokuthi icala lika-Oscar Pistorious lokubulala uNksz Reeva Steenkamp liqulwe kubuka wonke umuntu kwithelevishini.