USETHOLAKELE usonkontileka olungisa inkinga yesifuthefuthe esidalwa wukungasebenzi kwama-air conditioner eNkantolo yeMantshi yasePinetown, okwenza kuhlehliswe amacala.
Isolezwe lisanda kubika ngenkinga esingenela esontweni lesithathu yokushisa okungabekezeleki kule nkantolo esiholele nasekutheni kuhlehliswe amacala.
Intatheli yaleli phephandaba yayikhona enkantolo ithamele icala mhlazane iqala le nkinga ngoMsombuluko wangoNovemba 25.
Emuva kokuthi ilalele izikhalazo zabasebenzi basenkantolo ngenkinga elethwa wukungasebenzi kwama-air conditioner, Isolezwe libe selithinta uMnyango wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo.
Lo mnyango uphendule ngokuthi udaba selusezithebeni zawo, uyalumunyunga ukuze uqhamuke nekhambi.
UNksz Kgalalelo Masibi okhulumela lo mnyango uthe: “Siyalusebenza udaba lwale nkantolo ngokushesha ukuze kugwemeke ukubambezeleka endleleni okusetshenzwa ngayo enkantolo.”
Uqhube wathi ibhilidi leNkantolo yeMantshi yasePinetown liwela ezandleni zoMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda.
UNksz Masibi uqhube ngokuthi bayaxoxa nalo mnyango okuyiwona oqondene nomsebenzi wokulungiswa nokugcina ibhilidi lisemeni esikahe.
UMnuz Lennox Mabaso okhulumela uMnyango wemiSebenzi yoMphakathi ushaye ngamafuphi wathi usonkontileka ubekade ekhona enkantolo ngesonto eledlule ukuze alungise i-air conditioner.
“Uma konke azokudinga kukhona, umsebenzi wokulungisa uzobe usuphothuliwe ekupheleni kwesonto elizayo (esho leli sonto eliqalayo),” kusho uMabaso.
Kwakukade kuqulwa icala lokubulala nokukhomba ngesibhamu elithweswe isosha lombutho wezempi kuleli, uMnuz Lwanda Zungu, ngesikhathi umshushisi ekhala ngesifuthefuthe enkantolo.
UZungu usolwa ngokubulala umkakhe uNkk, Tania Msani-Zungu, ngoJanuwari nonyaka.
Imantshi uMuntu Khumalo yaliguqisa okwesikhashana icala ngenhloso yokuba kuphenywe ukuthi ukushisa kwakubangelwa yini.
Inkinga kayilungisekanga ngaleso sikhathi, kwaphoqa uKhumalo ukuthi icala alihlehlisele u-Ephreli, ngonyaka ozayo.