ISADTU ikhala ngokuthi kuzogcina sekukhala ibhungane, othisha bengasayi ukuyofundisa ezikoleni abagcwelezwa kuzona izigebengu ezifike zibabambe inkunzi zimbe zimbulule KwaZulu-Natal.
Le nyunyana ithe ikhathazekile ngalezi zehlakalo ezandile kulesi sifundazwe ezenza othisha bathuke izanya.
UNobhala jikelele weSadtu uMnuz Mugwena Maluleke, uthe umhlangano wesigungu esiphezulu senyunyana muva nje, uzwakalise ukukhathazeka ngezehlakalo zokubanjwa inkunzi kothisha emagcekeni ezikole.
Uthe ezinye zalezi zigebengu zifika nemishini yemali ama-speed points, ziphoqe othisha ukuthi badalule izinombolo zabo eziyimfihlo zasemabhange, bese zikhipha yonke imali.
Ubalule izehlakalo ezenzeka eMgungundlovu, lapho usihlalo wegatsha lale nyunyana wasinda ebanjwa inkunzi.
Uveze nokuthi muva nje eNkandla, izikole zakhona zike zangasebenza umphakathi uvale thaqa yonke into ukhala ngezidingo.
“KwaMaphumulo kwajahwa othisha abangebona abendawo kwathiwa kumele kuqashwe abendawo. Lezi zehlakalo zinomthelela ongemuhle kothisha okudingeka bavuke baye ezikoleni okudlange kuzo ubugebengu. Abanye sebecele ukususwa bayiswe kwezinye izikole ngokushesha,” kusho uMaluleke.
Uthe abafuna ukuyiswa kwezinye izifunda bakhala ngokungaphephi.
“Lokhu kuzokwenza ukuthi kuvalwe izikole ngoba akekho uthisha ozogcina efuna ukuyofundisa esikoleni esingaphephile. UMnyango weMfundo eyisiSekelo kumele wenze okuthile ngale nkinga ngoba kudala sikhala ngayo.”
Ukhale nangokuthi umnyango uyaphuza ukuletha izinsiza zokululeka ngokwengqondo othisha nabafundi abasuke behlukumezekile.
“Sesize sangenela ngomkhakhaso wokugqugquzela ukuphepha ezikoleni. Sisebenzisana nezinhlaka zomthetho ukulwa nobugebengu.”
Okhulumela inyunyana uNksz Nomusa Cembi, uthe noma bengenazo izibalo ezigcwele zokuthi zingaki lezi zehlakalo esifundazweni, kodwa baningi abakhala ngokungaphephi.
Uthe ziyanda ikakhulu izehlakalo zezigebengu ezifika nemishini zifune amakhadi ukuze zikhiphe imali yothisha.
“Abanye abasabiki ngoba basuke bebona ukuthi akusizi ngoba akwenzeki lutho. Iyasikhathaza kakhulu eyokuphepha ezikoleni.”
Ekhuluma ngezinhlelo zokuphepha ezikoleni muva nje, uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, wathi basebenzisana namaphoyisa kanjalo nezinhlaka ezilwa nobugebengu emiphakathini, ukulwa nobugebengu.
Wathi abakwazi ukuyilwa bebodwa le mpi wathi izikole kumele zibe nokuxhumana neziteshi zamaphoyisa endawo, ukuze amaveni ehle enyuka ekuseni kanjalo noma sekuphume izikole ukuze kuphephe abafundi nothisha.