UMASIPALA weTheku uziqaphe ngeso lokhozi izinhlangano zosomabhizinisi abaphazamisa ukusebenza kwamabhizinisi ahweba ngaphansi kwalo masipala.
IMeya kaMasipala weTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe umkhandlu ngeke ubabekezelele abantu abaphazamisa ukusebenza kwamabhizinisi ngaphansi kwaleli dolobha.
"Abalandela imigomo beze kithi kuboniswane, sizobanika isikhathi kodwa abangakwenzi lokho ngeke sibabekezelele," kusho uKaunda.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokuvulwa kabusha kwenxanxathela yezitolo, iBridge City, eKwaMashu, ngoLwesithathu.
Le nxanxathela yezitolo yacekeleka phansi ngesikhathi kutatshwa ezitolo ngoJulayi 2021. NgoLwesithathu bekunomcimbi wokuyivula kabusha ngaphambi kokuthi izitolo zivule ngoLwesine.
"Ukucekelwa phansi kwale nxanxathela yezitolo kwaholela ekutheni abantu abangu-1500 balahlekelwe imisebenzi. Lokhu kusho ukuthi balinganiselwa ku10 000 abantu abathinteka ngoba siyazi ukuthi umuntu emunye wondla abantu abaningi. Siwumasipala kusijabulise kakhulu ukuthi le nxanxathela yezitolo iphinde ivule. Nathi siwumasipala siyathinteka uma kuphela imisebenzi kubantu ngoba kusho ukuthi abasezukwazi ukukhokhela izidingo zikamasipala," kusho uKaunda.
Uthe umasipala uzokwenza isiqiniseko sokuthi isigameko esifana nesenzeka ngo-2021 asiphinde senzeke njengoba usuqale uhlelo lokufaka amakhamera nasemalokishini.
"Sisohlelweni lokwengeza amaphoyisa kamasipala, kuzoba nazofaka amakhamera emizimbeni yawo okuyinto esijwayele ukuyibona kwithelevishini ngoba asifuni kuphinde kwenzeke inhlekelele efana neyenzeka ngo-2021," kusho uKaunda.
UMnuz Smital Rambhai, wenkampani iFuturegrowth Assets Management, abangabaphathi bale nxanxathela yezitolo, uthe ukucekelwa phansi kwale nxanxathela yezitolo kwephuca amakhasimende izitolo eziseduze kwalapho ehlala khona.
"Ngemuva kokucekelwa phansi kwayo, bekunokungabaza kubanikazi bezitolo mayelana nokuthi ngabe kusamele babuye yini ngemuva kwalesi sehlakalo. Siyabonga ukuthi baphinde babuy,a le nxanxathela isibuyele esimeni ebiyiso phambilini. Izitolo eziningi zizovula kusasa (namhlanje) kodwa uSpar wavula nyakenye," kusho uRambhai.