LUYASEFA ulwandle kuMasipala i-Alfred Duma, ongaphansi koMnambithi. Sekuqokwe inkampani yabameli ukuthi iphenye kabanzi ngeziqu zabo bonke abasebenzi nokungase kudale ukuthi baphenyeke izinqe, abangena ngendlela engafanele.
Isolezwe ngeSonto lihabule ngomthombo walo ukuthi kumenyezelwe ukuthi kuzohlolwa wonke umuntu ukuthi unaziphi iziqu namakhono. UMasipala i-Alfred Duma usezandleni ze-IFP kanti iwuphuce i-ANC okhethweni lohulumeni basekhaya ngonyaka odlule.
IMeya kaMasipala i-Alfred Duma, uMnuz Zama Sibisi, ithe baqoke inkampani yabameli iNgubane Goli and Associates, ukuba iphenye kabanzi bese iletha umbiko ukuze bathathe izinyathelo ezifanele.
“ Akukho esikusolayo kodwa njengobuholi obusha sifisa ukwazi ukuthi abantu banaziphi iziqu namakhono ukuze sibajube ezikhundleni ezifanele.
“Abasebenzi sibambisene nabo sibachazelile ukuthi akukho okubi. Uma kukhona kodwa owaziyo ukuthi usendaweni engafanele akasheshe aphumele obala angaze atholwe ngabaphenyi,’’ kusho uSibisi.
Uqhube wathi abaqondile ukuxosha abathile kodwa uma kukhona okungahambi kahle bayobhekana nakho ngaleso sikhathi okwamanje akudedelwe abaphenyi basebenze.
Kuthiwa ithimba labaphenyi liyalelwe ukuthi libe seliqedile ngomsebenzi ezinyangeni ezintathu bese liletha umbiko emkhandlwini ukuze ucutshungulwe kabanzi. Kuthiwa bakhona abasebenzi abanetwetwe ngaphakathi ngoba basola ukuthi kusefwa abantu abayamaniswa nezinhlangano ezithile zepolitiki. Kujwayelekile ukuthi uma kushintsha izandla kube noguquko ngoba abaphathi abasha basuke behlela izinto kabusha.
Lo masipala akuwona owokuqala ukuhlola iziqu njengoba kuke kwenzeka nakuMasipala wesifunda iZululand, ophethwe yi-IFP nawo. Izinguquko komasipala abasezandleni ezintsha zibhokile ngoba nakuMasipala waseMhlathuze kufakwe imenenja entsha kwachithwa endala. Kwenzeka esifanayo kowaseKing Cetshwayo ophethwe yi-IFP kwachithwa imenenja kwalandwa entsha. Kumasipala waseNdumeni, eDundee, okuphethe i-IFP nakhona kwenzeke esifanayo.