UHLALELE ovalweni umndeni wabesifazane ababili bandawonye, ababulawe ngesihluku behlaselwa bekubo kwesaKwaBiyela, Obuka, emasontweni amabili adlule, esigamekweni okusolwa owayeyisoka lomunye wabo okuthiwa wayedinwe ukwaliwa.
UMnuz Sibonelo Xulu (30), kuthiwa usazicanasela ngaphandle nakuba enukeka ecaleni lokubulawa ngesihluku kukaNksz Simphiwe Zulu (33) okuthiwa wayesemalile, nodadewabo uNksz Thandolwethu Zulu (20). Laba bagilwa bafihlwe ngempelasonto esigodini saseSidakeni kuyo le ndawo, enkonzweni yomngcwabo ebinomunyu.
Ngesonto eledlule, iNkantolo yeMantshi yaseMelmoth ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kukaXulu okuyimanje usagcwele amathafa.
UMnuz Michael Zulu oyinhloko yomuzi, uthe kusenzima ukushiya izingane abuyele emsebenzini emva kokungcwaba amadodakazi akhe, njengoba umsolwa engakaboshwa kanti kukhona amahlebezi aveza ukuthi uyabonakala endaweni.
“Sithukile impela ngalesi senzo, uma nje umsolwa engakaboshwa kunzima ukushiya umndeni wami njengoba kuzosala unkosikazi nezingane. Siyafisa ukuthi umphakathi ubambisane namaphoyisa, umsolwa aboshwe ukuze sizokwazi nathi njengomndeni ukuqhubeka nempilo,” usho kanje.
Kuke kwanamahlebezi okuthi uXulu ubhace eThekwini, kuvela ukuthi wabonakala emisa izimoto ku-N2 emva kwamahora ambalwa kwezengeke isigameko.
Kusolwa ukuthi wadubula obeyintombi yakhe (uSimphiwe), ngoba esemtshele ukuthi akasamfuni ngaphambi kokuthi adubule nodadewabo uThandolwethu okuthiwa wayezama ukulamula.
UThandolwethu obenza unyaka wokuqala enyuvesi yasoNgoye, waphangalala emva kwezinsuku ezimbalwa engeniswe esibhedlela, esemvezile umsolwa emaphoyiseni.
Amaphoyisa anxusa noma wubani oseke wabona uXulu ukuthi abikele uSergeant Nzuza ku: 064 540 6911/ 035 450 8000.