SEKUSUSE itwetwe nokudideka ukuhoxiswa kwabaqaphi bamakhansela eNFP ne-ANC angamalungu esigungu esiphezulu kuMasipala waseZululand.
Ikhansela leNFP uMnuz Sizwe Hadebe noMnuz Khaya Khumalo we-ANC baziswe yimenenja yomkhandlu uMnuz Ntokozo Hlongwa ngokuhoxiswa kwabaqaphi babo ngoLwesihlanu.
I-NFP ne-ANC bathe ukuhoxiswa kwabaqaphi balamakhansela kuyimizamo yokubasabisa ukuthi bengabe besaqhubeka nemizamo yokukhipha imeya yomkhandlu uMnuz Thulasizwe Buthelezi.
UButhelezi oqhamuka kwi-IFP, akahleli kahle esihlalweni kusukela kwaphela isivumelwano sokusebenzisana phakathi kwe-IFP ne-EFF komasipala baKwaZulu-Natal.
I-EFF isisebenzisana ne-NFP ne-ANC, kanti lamaqembu uma ehlanganisiwe anezihlalo eziningi kuneze-IFP kulomkhandlu.
I-NFP ne-ANC basabisa ngokusiphonsela inselelo enkantolo isinqumo sokuhoxiswa kwabaqaphi balamakhansela.
Lamaqembu athe isinqumo sokuthi kuhoxiswe abaqaphi balamakhansela bekufanele sithathwe emhlanganweni womkhandlu njengoba nesokuthi kufanele bagadwe sathathwa emhlanganweni womkhandlu.
Isinqumo sokuthi lamakhansela kufanele agadwe sathathwa emva kokusocongwa kowayenguSostwebhu Omkhulu kuloMkhandlu uMntwana uMbongiseni Zulu.
Emva kokusocongwa kukaMntwana uMbongiseni umkhandlu uthathe isinqumo sokuthi wonke amalungu esigungu esiphezulu kufanele agadwe ngoba kwakungacaci kahle ukuthi ukusocongwa kukaMntwana uMbongiseni kuhlobene nezepolitiki noma nombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu oqhubekayo.
USotswebhu weNFP kumasipala iZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe bakhathazekile ngokuphepha kukaHadebe.
Uthe uHadebe uphucwe abaqaphi ngesikhathi lapho amakhansela eNFP evele esabela izimpilo zawo ngenxa yomdonsiswano okhona ngokuphathwa komkhandlu.
“Isimo kuyaziwa ukuthi asisihle KwaZulu-Natal naseZululand. Kumasipala waseZululand sekudutshulwe amakhansela amabili futhi akukaze kugwetshwe muntu ngalokho. Kuyosicacela uma engalimala engasagadiwe ukuthi kwenziwe ngenhloso.”
UNtombela ubuze ukuthi kungani umasipala ukhetha iphela emasini, waphuca kuphela amakhansela amaqembu aphikisayo abaqaphi.
Kuthintwa uKhumalo, uthe bazowuyisa enkantolo umasipala uma uqhubeka nalesinqumo.
“Ngilindele ukuthi banginikeze into ebhaliwe, bese ngibayisa enkantolo. Abakwazi ukuthi bavele basiphuce abaqaphi kungekho isinqumo somkhandlu esisho njalo.
“Abakwazi ukusiphuca abaqaphi ekubeni kunezinsongo esibhekene nazo esezize zaholela ekutheni sihlale emahlathini.
“Kusho ukuthi bahlela ukusibulala, bafuna ukuthi singabe sisaqhubeka nemizamo yokukhipha imeya,” kusho uKhumalo.
UKhumalo uthe akakungabazi ukuthi ukuphucwa kwabo abaqaphi kuwumdlalo wepolitiki.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakayiphenduli imibuzo okhulumela umasipala wesifunda iZululand, uNksz Zanele Mthethwa.