INXANXATHELA yezitolo yaseMlaza, uMlazi Mega City iza nelinye ithuba eliyingqayizivele, ehlose ngalo ukuhlomulisa osomabhizinisi bendawo abasathuthuka.
Usomabhizinisi ozobaqwaqwada bonke ngombono webhizinisi lakhe uzohlomula ngoR300 000.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, abeMlazi Mega City bathe umklomelo uyindlela yabo yokufaka isandla ekuthuthukiseni umnotho welokishi.
“Sizama ukudala amathuba omsebenzi, ngokweseka nokukhulisa osomabhizinisi abasafufusa. Njengoba umklomelo usungena onyakeni wawo wesibili wokutshala imbewu yezamabhizinisi elokishini, inxanxathela ibheke phambili ekwenzeni lokhu ngempumelelo,” kusho isitatimende.
Sichaza isitatimende, sithe inxanxathela ifuna osomabhizinisi abanemibono emihle bafake izicelo. Sithe ozohlomula uzonikwa indawo yokusebenza ngaphakathi enxanxatheleni yezitolo, angakhokhi irenti unyaka wonke, alulekwe ngokwebhizinisi, anikwe usizo lokuqhakambisa ibhizinisi lakhe ezinkundleni zokuxhumana, acathuliswe ekutheni angalibhalisa kanjani ibhizinisi lakhe ngokusemthethweni.
“Konke lokhu kubiza uR300 000,” kusho isitatimende.
Sigcizelele ekutheni umklomelo uvuleleke kubantu baseMlaza, Lamontville noma labo abahlala ebangeni elingu15km ukusuka eMlaza.
Siphinde sathi abavumeleke ukufaka izicelo abaneminyaka engu-18 nangaphezulu kanti kufanele balethe amakhophi omazisi babo, isicelo esibhalwe phansi sokungenela, izithombe zomkhiqizo wabo nokuchazayo ukuthi kungani kufanele kube yibo abawinayo kuleli thuba eliyingqayizivele.
Sithe abazofaka izicelo kufanele bakhumbule ukuthi amajaji azobe efuna ukwazi ngebhizinisi, ukukhula kwalo, ukuthi yimaphi amathuba omsebenzi elingawadala nokuthi lingakanani.
“Uma uMlazi Mega City sewunalo lonke lolu lwazi, uzoqala uhlele indawo ibhizinisi elizophumelela elizoba kuyo kule nxanxathela isikhathi esingangonyaka wonke ngaphandle kokukhokha irenti.
“Lokhu kuzobandakanya imidwebo ezobe ichaza ngento oyidayisayo ngqo, usizwe nokukhangisa ezinkundleni zokuxhumana, ukhangiselwe umsebenzi wakho ekhasini lenkundla yokuxhumana enabalandeli abangaphezu kuka20 000 inyanga yonke,” kusho isitatimende.
Bonke abafuna ukungenela kumele bafake izicelo zabo kwiemail ethi: [email protected] ungakashayi uDisemba 7. UMlazi Mega City uxwayise ngokuthi ngeke zinakwe izicelo ezizofika emva kwesikhathi.
Nyakenye ngesikhathi kusungulwa lo mhlomulo, uNksz Nolwazi Cele wakwa-B eMlaza ongumsunguli weBallon Express uyena owagoduka nalo mhlomulo.