KUHLALE obala ukukhuluma kwamakhehla kokuthi icala kaliboli kuboshwa owesilisa nemoto eyadunwa eminyakeni engu-14 edlule.
Lo mlisa ubanjwe ngesikhathi ithimba elisebenza emngceleni waseMahamba naseNerson eMpumalanga, ngoMgqibelo, ehamba ngemoto yohlobo lweToyota Corolla enamaphepha ashayisanayo.
“Ngesikhathi leli thimba liqhuba umsebenzi wokuhlola imoto yohlobo lweToyota Corolla emhlophe inombolo yeVIN ebibhalwe kwidiski yemoto ibingafani neVIN esemzimbeni wemoto,” kusho uCaptain Magonseni Nkosi okhulumela amaphoyisa eMpumalanga.
Uphenyo luveze ukuthi le moto yadunwa endaweni yaseKomani, e-Eastern Cape, ngoDisemba 2010.