UKUXOSHWA kwekhansela le-ANC kuMasipala wesiFunda iZululand sekudale uqhekeko emaqenjini azama ukuketula ubuholi be-IFP kulo masipala.
Ukukhishwa kukaMnuz Khaya Khumalo, obeyikhansela le-ANC ebelisesigungwini esiphezulu kulo masipala, kuholele ekujikijelaneni ngamazwi phakathi kwe-ANC ne-NFP, nokubeka engcupheni imizamo yala maqembu yokukhipha ubuholi be-IFP kulo mkhandlu.
UKhumalo waziswe ngoMsombuluko ngokukhishwa kwakhe.
Isikhala sakhe sizothathwa nguSihlalo we-ANC kwisiFunda iMzala Nxumalo, uMnuz Sibusiso Mhlongo.
Lokhu kucasule inguyazana yeNFP kuMasipala wesiFunda iZululand.
USotswebhu weNFP kulo masipala, uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe basazocela umhlangano nobuholi be-ANC kwisiFunda iMzala Nxumalo kanye nobesifundazwe iKwaZulu-Natal.
UNtombela uthe i-ANC bekufanele ibathinte ngaphambi kokwenza izinguquko njengoba bevota ndawonye kulo masipala.
“Njengenguyazana yeNFP kuMasipala waseZululand, kusethusile ukuhoxiswa kukaKhumalo esigungwini esiphezulu. Besingeke sibanqabele uma benza izinguquko kodwa bekuzosinikeza isithunzi njengeNFP ukuthi basazise ngoba sivota nabo kulo masipala.
“Le nto isiveze ubu-ANC lobu abayibo. Kade siqalile sibakhuza sithi i-ANC eZululand ayiyeke ukwenza iNFP abasizi bayo. Siyinguyazana yeNFP kuMasipala wesiFunda iZululand asivumi ukwenziwa abasizi be-ANC. Siyiqembu elinombono walo ngezwe kanye nenhlalo yabantu, asizona izinkothangqoko zeqembu elithile.”
UNtombela uthe akusikhona okokuqala i-ANC ibagila njengoba ethe yabagila nango-2016.
UNtombela uthe ngesikhathi i-FP ihluleka ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya lwango-2016, kwaba nesivumelwano ne-ANC sokuthi amalungu eNFP awavotele i-ANC.
“Babethe bazofaka abantu beNFP ebukhanseleni. Lokhu akuzange kwenzeke. Amalungu eNFP afika egqoke amasudu, awangafungiswa njengoba atshelwa ukuthi kufanele athathe ubulungu be-ANC ngaphambi kokuthi afakwe ebukhanseleni.”
UNobhala we-ANC kwisiFunda iZululand, uMnuz Ntokozo Nxumalo, uthe okushiwo uNtombela akusiwo umbono weqembu, wathi umbono wakhe siqu sakhe.
UNxumalo uthe bona bayaqhubeka nezingxoxo neNFP.
“Kade ngikhuluma nabantu beNFP abayingxenye yezingxoxo, bathe kubathusile lokhu okushiwo uNtombela. Bathe ubengagunyaziwe ukuba akhulume lokhu akushilo futhi baziqhelelanisa nezinto azishilo. Ubezikhulumela njengomngani wekhansela elihoxisiwe.
“Akusethusi lokhu okwenzekayo ngoba siyazi ukuthi banezinkinga ngaphakathi njengeNFP. Lezi yizinkinga zabo thina esingangeni kuzo njenge-ANC. Angeke ngithande ukuphendula lezi zinto azishoyo.”
I-ANC neNFP kuMasipala waseZululand bafuna ukukhipha ubuholi be-IFP.
Amathuba alezi zinhlangano okukhipha i-IFP kulo masipala anyuswa ukuphela kwesivumelwano sokusebenzisana komasipala baKwaZulu-Natal, esasiphakathi kwe-IFP ne-EFF.